Izosongwa ngoMgqibelo iMafukuzela Week

Posted by:

|

On:

|

INGXENYE
yabafundi abadala bas’Ohlange abazibiza ngamaZebras Alumni nabajwayele ukuhambela iMafukuzela Week yaminyaka yonke nokulindeleke babe khona nakule lisonto

Nash Ngcobo

Ivulwa namhlanje ngeSonto iMafukuzela Week egujwa minyaka yonke Ohlange High School eNanda eNyakatho yeTheku.

Lo mgubho okukhunjulwa kuwo uDkt John Langalibalele Dube (Ngcobo) udonsa isonto lonke njengoba uzosongwa ngoMgqibelo, yingakho kuthiwa iMafukuzela Week.

Inhloso enkulu yeMafukuzela Week wukukhunjulwa komsunguli wesikole Ohlange Institute ngo-1900.

UDkt Dube owayenguMfundisi wanxenxa iBandla i-American Board ukuba imlekelele ekwakheni isikhwama sokwakha lesi sikole esesaziwa ngokuthi Ohlange High School.

Lo mcimbi uzoqala uphinde uphothulwe emagcekeni alesi sikole esiseNanda. Emva kokusungula lesi sikole, udlulele ephephandabeni Ilanga laseNatali ngo-1903, elalihlanganiswa khona Ohlange.

Inhloso enkulu kaMafukuzela Omnyama njengezulu, kwakungukuphucula impilo yabantu abamnyama ngokuthi babe yizifundiswa futhi bakwazi ukuzenzela.

Namhlanje ngeSonto kuvulwa ngenkonzo yokubeka izimbali ethuneni likaDkt Dube.

NgoMsombuluko nangoLwesibili kuzoba kukhunjulwa le liqhawe ngezinkulumo ezinohlonze, kuvakashelwe indlu yakhe.

Ngosuku lwesihlanu kuzoba wusuku lwemidlalo enhlobonhlobo. Ngakusasa kube wusuku lokugujwa kwamasiko okuzolandelwa yisifundo ngoDkt JL Dube.

Kuzovala ngemiklomelo nokuqokwa kwekomiti elisha lamaZebra Alumni e-Amphitheatre.

Posted by

in