Author: Zwelethu

  • Inchanga Primary igubha i-100 leminyaka

    ,

    Nash Ngcobo KULINDELEKE izinguquko ezihambisana nentuthuko yesimanje ezilokothweni zomgubho weminyaka eyi-100 ye-Inchanga Primary eseNtshonalanga engaPhandle kweTheku. Lo mcimbi oyivela kancane uzogujwa ngoMandulo 3 no-4 ( September) khona emagcekeni alesi sikole, okulindeleke izimenywa eziqhamuka emikhakheni eyahlukene yempilo. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguthishanhloko walesi sikole uMnuz Thulani Mbanjwa, odlulisele isimemo kubo bonke abake bafunda kulesi sikole. Uthe kubalulekile… Read more

  • UZimba uhlinzeka izwe ngonozinti

    Nash Ngcobo UMQEQESHI wonozinti KwaZulu-Natali uthi uyovinjwa wumkhathi ekuvundululweni nasekuqeqeshweni konozinti eNingizimu Afrika. Lowo nguSipho Zimba osezinikele kulomsebenzi wokuqeqesha abaqeqeshi ikakhulukazi abazobhekana nonozinti. Lo mdlandla kaZimba uqina inyanga nenyanga emva kokusungulwa kweSipho Zimba Goalkeeping Academy, okumanje isagxile eThekwini kodwa ezodlulela nakwezinye izifunda. Inhloso enkulu yalesi sikhungo wukwandisa onozinti emaqenjini akhokhelwayo, ukushoda kwabo okunikeza ingcindezi amaqembu… Read more

  • INomaswazi High isazoqhubeka neRed Talent Day

    INOMASWAZI High School esungulwe ngabamnyama enkabeni yedolobha uMgungundlovu, isizoqinisa ekuhlomiseni izingane ngamakhono anhlobonhlobo. Lesi sikole esisungulwe ngo-1992 ngenhloso yokukhuphula izinga lemiphumela yebanga le-12, sesizilethele ukuhlonishwa futhi sazifaka embangweni walezo eziyizimbangi KwaZulu-Natali. Lokhu kuqinisekiswe nguthishanhloko waso uDkt Mandla Mkhize ngenkathi kuneRed Talent Day muva nje. Uthe bazoqinisa ekugqanyisweni kwamakhono anhlobonhlobo izingane ezingaziphilisa ngawo ngale kokuba yizifundiswa.… Read more

  • ILembe Umtelebhelo uyithemba lentuthuko

    Nash Ngcobo ILEMBE Umtelebhelo Festival osanda kugubuzela iKhenana intaba engcwele eNdwedwe enyakatho yeTheku, ubukeka uzoba yisibani sentuthuko kuzo zonke izindawo ezingaphansi kukaMasipala wesiFunda iLembe. Lo mdlalo womtelebhelo okhula ngesikhulu isivinini kubantu abamnyama, wesekelwe yizikhulu eziphezulu okubalwa kuzo iPhini likaNgqongqoshe kazwelonke wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala. Abagqugquzeli, abaxhasi nabahleli balo mcimbi osekungunyaka wesibili ukhona bagqugquzelwe… Read more

  • August Edition

    Read more

  • Yethulelwe eThekwini eyezokuVakasha

    ,

    Nash Ngcobo UKUHAMBA phambili kweTheku ekusingatheni imicimbi emikhulu nesezingeni lomhlaba, kufakazelwe wukwethulwa kweNyanga yezokuVakasha eNingizimu Afrika kule lidolobha. Lokhu kuqinisekiswe wuNkk Patricia de Lille onguNgqongqoshe wezokuVakasha, olibeke ngembaba elokuthi iTheku liwadlulela kude kwezokuVakasha amadolobha amakhulu eNingizimu Afrika. Usho lokhu emcimbini obuse-Marine Restaurant eMtateni ngenhloso yokubonga iTheku ngokuhlala likhuphula isibalo sezivakashi ezweni. Kulo mcimbi uNkk de… Read more

  • Babungazwe ngeye-CSA Pathway abekhilikithi

    (IKZN Inland ihlabane ngowokuthuthukisa) Nash Ngcobo UKUKHULA ngesivinini komdlalo wekhilikithi ezindaweni zababengathuthukisiwe phambilini nabo bonke abazimbandakanye kuyo ngokuklonyeliswa kwabo bonke abadlali nezikhulu ngezindlela ezahlukene kwi-CSA Pathway Awards yakamuva. Kule miklomelo akusalanga ngaphandle ukuqhakanjiswa kweqhaza elibanjwe yi-KFC Mini Cricket esivundulule inqwaba yamathalente ezinganeni, othisha nezikhuu emazingeni aphansi nasezikoleni. Isikhulu esiPhakeme seCricket South Africa uPholetsi Moseki uthe… Read more

  • Ilokhu ikhule njalo i-Youth Run 10km

    Nash Ngcobo ISIFUNDA uMzinyathi esisenyakatho yeKwaZulu-Natal sikhombise ukukhula ezingeni labagijimi abasebancane abamnyama, okulindeleke badlane imilala nosaziwayo emijahweni kazwelonke nesezingeni lomhlaba kule minyaka embalwa ezayo. Lokhu kubonakale kugqama abagijimi abahlanu bokuqala kwabesilisa abaqhamuka kulesi sifundazwe oselokhu kwathi nhlo sikhiqiza abagijimi abaseqophelweni eliphezulu. Esinye isifunda esikhombisa ukuthwalisa kanzima ezinye ohlangothini lwamantombazane iHarry Gwala. Amajuba yisifunda ebesijwayele ukuzithwalisa… Read more

  • Sebehambile abokufika – Thina sizokwenzenjani?

    Nash Ngcobo ENGANGENI ngesango iyafohla, engafohli iyaziletha izidingo zabathengi futhi konke ekwenzayo kusezingeni elifunwa ngabathengi nomthetho uqobo. Ukunikela ngefa lesizukulwane saseNingizimu Afrika kubantu bokuhamba, okuphundla umnotho wezwe, kugxekwe ngazo zonke izindlela engxoxweni abahwebi abebebizwe kuyona nguNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnuz Thami Ntuli muva nje. UNdunankulu ubehambisana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natali unxuse osomabhizinisi ngokuziveza emahhovisi omasipala… Read more

  • Empangeni High iphinde yakhonya kwi-SASCE

    ,

    Nash Ngcobo EMPANGENI High idle umhlanganiso inqoba isicoco sika-2026 ABC Motsepe South African Schools Choral Eisteddfod (SASCE), yakhala yemuka nesheke le-R100 000 emncintiswaneni obuseMoreleta ePitoli. Lesi sikole besiyingxenye yezikole ebezibhuquzisana kowamanqamu womqhudelwano we-10 kanti sivikele isicoco ngokuba ngoshampeni boshampeni, lo mklomelo uzobhekela izidingo zesikole. Kowamanqamu lesi sikole besibanga neBambanani High yasoPhongolo neBizana Senior Secondary eqhamuka e-Eastern… Read more