Ithembise ubungcono iSantaco igubha 25 weminyaka

Posted by:

|

On:

|

KWESOBUNXELE nguMnuz Mathula Mkhize weSantaco Durban West, uMnuz Siboniso Duma uNgqongqoshe wezokuThtutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natali noDkt Sbusiso Ndebele owaba nguNgqongqoshe wokuqala wezokuThutha KwaZulu-Natali

Nash Ngcobo

PHEZU kokuba iSouth African National Taxi Council Organisation (Santaco) isaqhubeka nokunxenxa ukuxhaswa kwale mboni nguhulumeni, ibeke phambili ukuzakha kabusha nokukhula unyaka nonyaka.

Lokhu kuvele ezinkulumweni zokuyeseka emcimbini osanda kuba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre ebigubha kuwo iminyaka engama-25 yasungulwa.

Kulo mcimbi kuklonyeliswe bonke ababa nesandla ekusungulweni nasekukhulisweni kwale mboni ngendlela ezahlukene.

Kubongwe uMdali ohlenge abakule nhlangano kuze kube yimanje, kwakhunjulwa nalabo abawuqala lo msebenzi abasadla anhlamvana nasebalala kobandayo.

IPhini lokuqala likaMengameli weSantaco uMnuz Bhoyi Zondi linxuse ukuphela kwezimpi nokuqonelana kulo msebenzi.

“Asiyeke ukulwa ngoba imali ayihlali lapho kunesixakaxaka khona, ukuchitheka kwegazi nokulahleka kwemiphefumulo.

“Izimoto zokuthutha azithengelwanga ubunsizwa kodwa ezokuphilisa imindeni yethu,” kusho uZondi.

Uqhubeke ngokuthi lo msebenzi mawube yisinkwa sabamnyama ukuze kwande isibalo sabaphila ngawo.

Uthe nakuba izinkinga zihlala ziba khona kodwa azixazululwe etafuleni hhayi ngesibhamu.

Uqhubeke ngokuthi ukukhula nokuhlonishwa kwalo msebenzi sekulekelelwe yizinguquko ezihambisana nempumelelo.

Uveze ukuthi ukusungulwa kweWomen’s Desk, iMetred Taxi ngezinye zezinto ezibuyise isithunzi salo msebenzi.

Uthe okulandelayo wukufakwa kohlobo lwamatekisi lwe-E-Haling njengoba sekuphumelele olwe-Scholar Transport.

“Uxolo, ubunye nokukhuliswa komnotho yizona zinto ezizokhulisa lo msebenzi.

“Maduzane nje sizoqala uhlelo olubizwa nge-Cashless System kubagibeli bethu-, kusazocaca ukuthi luzosebenza kanjani.

” Lona luzokwelanywa ngolwe- (Electronic Permit System) nolokuhlolwa kophuzo okudakayo kumshayeli (Vehicle Breathyliser) ,” kuvala uGagashi.

Posted by

in

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *