Category: News

  • IContralesa yeseka iMarch And March

    Nash Ngcobo I-CONGRESS of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) isiphumele obala yeseka iMarch And March ephikisana nokukhoseliswa kwabokufika kuleli. Phezu kokuba selungenelwe nguNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Leon Schreiber naye echitha imvume yokukhoseliswa kwabokufika (assylum seekers), iyaqonga eyokuphindiselwa kwabo emuva. IContralesa ithi uhulumeni makahloniphe abantu abamfake emandleni okubusa uma efuna kugwemeke izibhelu nokuwa komnotho wezwe. “INingizimu… Read more

  • Aligcinwe ifagugu le-Edendale Tech High

    Nash Ngcobo UKUNQOBA kwe-Edendale Tech High isicoco seCAF Schools Football Championship esigabeni sabesifazane, kujatshulelwe nxazonke emcimbini obusemagcekeni alesi sikole muva nje. Lesi sikole esingesisha ekunqobeni izindebe kwezemidlalo, sakhelwe inkundla ezovumela ukudlalwa imidlalo enhlobonhlobo okubalwa kuyo nebasketball. Akugcinanga lapho sakhelwe amagumbi amahlanu okufundela, kwavuselelwa nehholo elalimala emva kwezimvula ezinkulu. Inkundla, amagumbi okufundela, izindlu zangasese eziyi-9, ihholo… Read more

  • Impilo iwumzabalazo onqotshwayo

    Nash Ngcobo KUZO zonke izingqinamba obhekene nazo, cela amandla okuzinqoba. “Lesi sinkwa osidlayo masikunike amandla okunqoba zonke izinkinga obhekene nazo. “Kanjalo negazi likaKristu oliphuzayo lizohlanza izono, konke okwenzayo nokufisayo kuzophumelela.” Lawa ngamazwi entshumayelo kaFata Thamsanqa Njiyela awasho entshumayeleni yemisa langeSonto eSt Immaculate Conception ePinetown. Uthe uma usuvumile ukuba yikholwa, yiba yilungu eliwusizo eBandleni. Alifuneki ikholwa… Read more

  • IPatriotic Alliance ifuna kubuyiswe isigwebo sentambo

    Nash Ngcobo YINI lena enhle nenconywa kangaka wumhlaba ngomthetho sisekelo waseNingizimu Afrika oshaywe emva kokutholakala kukaHulumeni weNtando yeNingi? Lo mbuzo ubhekiswe esiShayamathetho sikazwelonke nazo zonke izinhlaka zomthetho ezibonakala emphakathini zintekenteke, zivuna ababulali ababukeka bekujabulela lokhu abakwenzayo. Lokhu sekuphoqe umholi wePatriotic Alliance uMnuz Gayton McKenzie waphumela obala ukuthi iqembu lakhe lizophakamisa ukubuyekezwa komthethosisekelo. Uthumele umyalezo wokuthi… Read more

  • Kuzokwethulwa isifundo ngentatheli uKhaba Mkhize

    Nash Ngcobo INHLANGANO ebhekele izindaba zesizwe sakwaMkhize ebizwa Ubumbano lwaBambo, kulonyaka ihlele ukugubha lo lusuku ngokukhumbula elinye lamalungu alo okwakuyintatheli uMnuz Khaba Mkhize ongasekho. Lesi sifundo esiyisikhumbuzo sizokwethulwa nguzakwabo uDkt Lakela Kaunda emcimbini ozokuba seSharks Board eThekwini ngoMfumfu 10 (October) ngo-10h00 ekuseni. UDkt Kaunda usebenze noMkhize iminyaka eminingi kwiThe Natal Witness nakwi-Echo, abashiya kule nkampani… Read more

  • September Edition

    Read more

  • Lugujwe ngeminxa emithathu olwamagugu e-Appelsbosch

    Nash Ngcobo KUGQAME inkolo, imfundo nezempilo emcimbini wokugubha usuku lwamagugu namasiko njengoba kusungulwe okokuqala umzila wezokuvakasha oxubene nezenkolo Ozwathini nase-Appelsbosch okuyizindawo ezimaphakathi neKwaZulu-Natali. Kule micimbi ebisingethwe yiTourism KwaZulu-Natal, uMshwathi Municipality ne-Evangelical Lutheran Church of Southern Africa, kugujwe iminyaka eyi-100 kwasungulwa imishini yase-Appelsbosch enesibhedlela nekolishi lothisha besifazane. Kuzo zombili lezi zindawo kugqame igalelo lenkolo, ezemfundo nezempilo… Read more

  • Sizolalelwa ngoMfumfu 22 esebheyili yeKhansela

    Nash Ngcobo ISAKHAMUZI esiqavile futhi esingumholi kuWard 7 entshonalanga yeTheku sizophinde siveleenkantolo kamantshi ePinetown ngoMfumfu 22 (October), sizotshelwa ukuthi siyayithola ibheyilinoma cha. Lesi sakhamuzi nguMnuz Luthando Jali (36) obekwe icala lokubhozomela umgilwa ngocansilwendluzula (20) emva kokumbophela esihlalweni, wamkhomba ngesibhamu maqede wamdlwengula. Ummangalelwa uboshwe nabangani bakhe oMnuz Wiseman Sandile Madlala (34) noNhlanhla Ntinga (35)ababezibusisa ngeziphuzo ezinhlobonhlobo… Read more

  • Phansi ngebheyili kubabulali bakaSis Lindiwe

    Nash Ngcobo INHLANGANO yabahlali baselokishini laseMpumalanga eHammarsdale PCC, izoqhubeka nokuphikisa ibheyili kwabasolwa ngokubulala uSis Lindiwe Dlamini. Lokhu kuzophinde kwenzeke eNkantolo yesiFunda eMkhambathini (Camperdown) ngoMfumfu 2 (October) okuzovela kuyo abasolwa. Laba basolwa becala lesihluku sokubulawa kwencekukazi yeNkosi, bazovela okwe-16 enkantolo yesibili, okuze kube yimanje ayicaci indlela ebheke phambili. UNks Dlamini wathelekelwa ngentululwane yezinhlamvu zesibhamu esemotweni ebuya… Read more

  • Ithala livuselela osomabhizinisi nezakhiwo zalo

    Nash Ngcobo ITHALA Development Finance Corporation okuwuphiko loMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natali, liqhakambisa ukuqhubeka nezinhlelo zalo zokweseka osomabhizinisi ngezindlelaezahlukene njengoba bekwenzeka phambilini. Lokhu kufakazelwe wukuvakashelwa kwazo zonke izikhungo zamabhizinisi asekwe yile nhlangano ngenhloso yokubheka umonakalo okuzona nokuzwa nezikhalo zamakhasimende ayo. Izindawo ezivakashelwe yilezo abanikazi bamabhizinisi ezikhahlamezeke ngezindlela ezahlukene ezikhathini ezifana neseCovid-19 nesokutashwa kwempahla (looting) ngoNtulikazi (July)… Read more