Category: News
-
Inchanga Primary igubha i-100 leminyaka
Nash Ngcobo KULINDELEKE izinguquko ezihambisana nentuthuko yesimanje ezilokothweni zomgubho weminyaka eyi-100 ye-Inchanga Primary eseNtshonalanga engaPhandle kweTheku. Lo mcimbi oyivela kancane uzogujwa ngoMandulo 3 no-4 ( September) khona emagcekeni alesi sikole, okulindeleke izimenywa eziqhamuka emikhakheni eyahlukene yempilo. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguthishanhloko walesi sikole uMnuz Thulani Mbanjwa, odlulisele isimemo kubo bonke abake bafunda kulesi sikole. Uthe kubalulekile… Read more
-
INomaswazi High isazoqhubeka neRed Talent Day
INOMASWAZI High School esungulwe ngabamnyama enkabeni yedolobha uMgungundlovu, isizoqinisa ekuhlomiseni izingane ngamakhono anhlobonhlobo. Lesi sikole esisungulwe ngo-1992 ngenhloso yokukhuphula izinga lemiphumela yebanga le-12, sesizilethele ukuhlonishwa futhi sazifaka embangweni walezo eziyizimbangi KwaZulu-Natali. Lokhu kuqinisekiswe nguthishanhloko waso uDkt Mandla Mkhize ngenkathi kuneRed Talent Day muva nje. Uthe bazoqinisa ekugqanyisweni kwamakhono anhlobonhlobo izingane ezingaziphilisa ngawo ngale kokuba yizifundiswa.… Read more
-
ILembe Umtelebhelo uyithemba lentuthuko
Nash Ngcobo ILEMBE Umtelebhelo Festival osanda kugubuzela iKhenana intaba engcwele eNdwedwe enyakatho yeTheku, ubukeka uzoba yisibani sentuthuko kuzo zonke izindawo ezingaphansi kukaMasipala wesiFunda iLembe. Lo mdlalo womtelebhelo okhula ngesikhulu isivinini kubantu abamnyama, wesekelwe yizikhulu eziphezulu okubalwa kuzo iPhini likaNgqongqoshe kazwelonke wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala. Abagqugquzeli, abaxhasi nabahleli balo mcimbi osekungunyaka wesibili ukhona bagqugquzelwe… Read more
-
August Edition
-
Yethulelwe eThekwini eyezokuVakasha
Nash Ngcobo UKUHAMBA phambili kweTheku ekusingatheni imicimbi emikhulu nesezingeni lomhlaba, kufakazelwe wukwethulwa kweNyanga yezokuVakasha eNingizimu Afrika kule lidolobha. Lokhu kuqinisekiswe wuNkk Patricia de Lille onguNgqongqoshe wezokuVakasha, olibeke ngembaba elokuthi iTheku liwadlulela kude kwezokuVakasha amadolobha amakhulu eNingizimu Afrika. Usho lokhu emcimbini obuse-Marine Restaurant eMtateni ngenhloso yokubonga iTheku ngokuhlala likhuphula isibalo sezivakashi ezweni. Kulo mcimbi uNkk de… Read more
-
Sebehambile abokufika – Thina sizokwenzenjani?
Nash Ngcobo ENGANGENI ngesango iyafohla, engafohli iyaziletha izidingo zabathengi futhi konke ekwenzayo kusezingeni elifunwa ngabathengi nomthetho uqobo. Ukunikela ngefa lesizukulwane saseNingizimu Afrika kubantu bokuhamba, okuphundla umnotho wezwe, kugxekwe ngazo zonke izindlela engxoxweni abahwebi abebebizwe kuyona nguNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnuz Thami Ntuli muva nje. UNdunankulu ubehambisana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natali unxuse osomabhizinisi ngokuziveza emahhovisi omasipala… Read more
-
Empangeni High iphinde yakhonya kwi-SASCE
Nash Ngcobo EMPANGENI High idle umhlanganiso inqoba isicoco sika-2026 ABC Motsepe South African Schools Choral Eisteddfod (SASCE), yakhala yemuka nesheke le-R100 000 emncintiswaneni obuseMoreleta ePitoli. Lesi sikole besiyingxenye yezikole ebezibhuquzisana kowamanqamu womqhudelwano we-10 kanti sivikele isicoco ngokuba ngoshampeni boshampeni, lo mklomelo uzobhekela izidingo zesikole. Kowamanqamu lesi sikole besibanga neBambanani High yasoPhongolo neBizana Senior Secondary eqhamuka e-Eastern… Read more
-
ITheku likhomba i-KZN ngemigwaqo emibi yase-Outer West
Nash NgcoboNENZANI lapha ezweni? Lesi yisiqubulo soMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natali oholwa nguNgqongqoshe uMnuz Sboniso Armstrong Duma asibhekise kubantu abangawenzi ngeqiniso umsebenzi wabo. Muva nje uNgqongqoshe uDuma uzishaya isifuba ngokusebenza kokuzikhandla kwamaphoyisa omgwaqo abopha kwasani oluphambana nomthetho njengoba eseqale nemiklomelo yokuwakhuthaza. Lesi siqubulo kulindeleke siphinde sizwakale ezikhulwini ezihola lomnyango ohlangothini lwezemigwaqo eseNtshongalanga yeTheku, osekuphele cishe… Read more
-
UMasipala weTheku ukhulekela ukuthula nobulungiswa
Nash NgcoboIZINKINGA ezikhungethe iNingizimu Afrika ezigqame kakhulu kuxoshwa abantu bokufika abakuleli ngoba bengenazimvume, sezigqugquzele uMasipala weTheku ukunxusa uMdali ukuthi konke okusazokwenzeka kube nobulungiswa nokuthula. Lokhu kubonakale ngenhlabaluhide (march) yawo wonke amahlelo nabaholi bemikhakha eyahlukene emphakathini abakhombise ukuthi konke okusazokwenzeka, kwenzeke ngobulungiswa nangokuthula. Le mashi ebiholwa yiHuman Resources Directorate kaMasipala kuhloswe ngayo ukuvuselelwa konembeza kubasebenzi bakahulumeni,… Read more
-
Ixoxwa ngezithombe eyeDundee July
KUME nse ukuhamba kuVictoria Street eDundee July ngesikhathi kunomviliyelo onhlobonhlobo wokuvulela iDundee July ngoLwesihlanu. Kuqale kwakhonjiswa ngamahhashi nabanikazi bawo. Amalungu ebhendi rnBangladesh yasdeSt John’s Baptist Church, onoxhongo, izintombi nto, amajongo, abakhangisi besiko laseNdiya, iqembu loswenka Amageza Amahle. Konke lokhu kuviliyela kuphelezelwa wumculo onhlobonhlobo obushisa phansi. Amanye amaqembu abeviliyela Ubuhle beNdalo, AbeSuthu, amaGirl Guides, Ingoma Dance,… Read more