Category: Sports
-
UZimba uhlinzeka izwe ngonozinti
Nash Ngcobo UMQEQESHI wonozinti KwaZulu-Natali uthi uyovinjwa wumkhathi ekuvundululweni nasekuqeqeshweni konozinti eNingizimu Afrika. Lowo nguSipho Zimba osezinikele kulomsebenzi wokuqeqesha abaqeqeshi ikakhulukazi abazobhekana nonozinti. Lo mdlandla kaZimba uqina inyanga nenyanga emva kokusungulwa kweSipho Zimba Goalkeeping Academy, okumanje isagxile eThekwini kodwa ezodlulela nakwezinye izifunda. Inhloso enkulu yalesi sikhungo wukwandisa onozinti emaqenjini akhokhelwayo, ukushoda kwabo okunikeza ingcindezi amaqembu… Read more
-
Babungazwe ngeye-CSA Pathway abekhilikithi
(IKZN Inland ihlabane ngowokuthuthukisa) Nash Ngcobo UKUKHULA ngesivinini komdlalo wekhilikithi ezindaweni zababengathuthukisiwe phambilini nabo bonke abazimbandakanye kuyo ngokuklonyeliswa kwabo bonke abadlali nezikhulu ngezindlela ezahlukene kwi-CSA Pathway Awards yakamuva. Kule miklomelo akusalanga ngaphandle ukuqhakanjiswa kweqhaza elibanjwe yi-KFC Mini Cricket esivundulule inqwaba yamathalente ezinganeni, othisha nezikhuu emazingeni aphansi nasezikoleni. Isikhulu esiPhakeme seCricket South Africa uPholetsi Moseki uthe… Read more
-
Ilokhu ikhule njalo i-Youth Run 10km
Nash Ngcobo ISIFUNDA uMzinyathi esisenyakatho yeKwaZulu-Natal sikhombise ukukhula ezingeni labagijimi abasebancane abamnyama, okulindeleke badlane imilala nosaziwayo emijahweni kazwelonke nesezingeni lomhlaba kule minyaka embalwa ezayo. Lokhu kubonakale kugqama abagijimi abahlanu bokuqala kwabesilisa abaqhamuka kulesi sifundazwe oselokhu kwathi nhlo sikhiqiza abagijimi abaseqophelweni eliphezulu. Esinye isifunda esikhombisa ukuthwalisa kanzima ezinye ohlangothini lwamantombazane iHarry Gwala. Amajuba yisifunda ebesijwayele ukuzithwalisa… Read more
-
I-CMA izothatha isinqumo kwi-AGM
Nash Ngcobo ICOMRADES Marathon Association (CMA) okuyinhlangano ehlonishwa umhlaba wonke ngomjaho wayo waminyaka yonke iComrades Marathon, izonquma ngekusasa lalo mjaho wangonyaka ozayo emhlanganweni wayo oyisiphesheli ongoNcwaba 1 (August). Lezi zindaba ziqinisekiswe wusihlalo walenhlangano uMark Leathers emva kokuvunguza komoya wokungayingeni kwe-ASA okokuphuma ujosaka kweCMA ngokungayithobeli iKZNA. IComrades Marathon ngonyaka ozayo izogubha iminyaka eyi-100 kanti ukubakhona kwayo… Read more
-
Izokhula noMandela iDundee July
Nash Ngcobo IDUNDEE July ezogubha iminyaka engama-21 kulonyaka, kul.indeleke kufike usuku lomjaho isibhejelwe isamba esiyizigidi ezintathu zamarandi (R3 million). Lokhu kulandela ukuthi kiufike usuku lokwethulwa kwawo sekubheje abayi-2500 wezigidi emijahweni eyi-12, okuzogabavula kuwo amahhashi angama-340 Lo mjaho okhula unyaka nonyaka ngokwezinga, kulonyaka uzogijinywa ngoJuly 18 Endumeni Race Track eDundee, okulindeleke kulo yonke inhlobo yenjabulo. Lo… Read more
-
ITheku lishayelwe ihlombe ngeyezemidlalo
Nash NgcoboUKUHLELA okokuqala kukaMasipala weTheku umcimbi wokuhlonipha abezemidlalo kushayelwe elikhulu ihlombe wuMnyango kaZwelonke wezeMidlalo, ezokuNgcebeleka namaSiko, okuyinto eyivela kancane komasipala abaningi. Lokhu kuzwakale enkulumweni kaDkt Stella Khumalo onguMqondisi Jikelele ngenkathi ebongela osingaye nabadidiyeli balo mcimbi obizwa eThekwini Recognition Sports Awards asanda kuba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre. UDkt Khumalo uthe iNingizimu Afrika isisemgudwini okuyiwona… Read more
-
Luzoqhubeka ngokuvulwa kwezikole olwekhilikithi yezikole
Nash NgcoboLUZOQHUBEKA ngokuvulwa kwezikole uhlelo lokufundiswa kwezingane zesikole ikhilikithi olubizwa ngeKFC Mini Cricket Community Festival, oluqalwe ngomgubho we-International Day of Play eMpophomeni Sports Ground eHowick. Lo luhlelo oluzokwenziwa kuzo zonke izikole zaKwaZulu-Natal lulethwa yiCricket South Africa (CSA), iKwaZulu-Natal Cricket Union (KZNCU) ne-Inland Cricket kanti seluxhaswe yiKentucky Fried Chicken (KFC) iminyaka eminingana. Inhloso enkulu yalo luhlelo… Read more
-
Vukiyani iNatu emidlalweni yezikole
Nash Ngcobo UKWANDA kwabagqugquzeli bemidlalo yezikole, sekuvuse neNational Teachers Union (Natu) maqede yazibamba.Le nyunyana yothisha kudala yazibandakanya nemidlalo nezikaqedisizungu, kodwa iminyakazo yayo ibingasagqamile njengaphambilini njengoba isishintsha ukwenza muva nje. Lokhu iNatu izokukhombisa ngemidlalo yezikole okuzoqhudelana kuyo amagatsha ayo amathathu asentshonalanga yeTheku KwaSishi Sports Ground e-Unit 1 elokishini laseMpumalanga kusasa ngohoLwesihlanu ngo-9h00 ekuseni. Amagatsha azokhiphana inkani… Read more
-
Kugqugquzelwa eyezikole eHammarsdale
Nash Ngcobo UKUNGAHLELEKI ngokuqalwa kweligi yemidlalo yezikole, akuliqedanga amandla Ichibi Community Upliftment ukubuyisa le midlalo. Lokhu kufakazeleke ngemidlalo kanobhutshuzwayo nebhola lomnqakiswano obekududulana kuyo ama-primary ayi-16 nama-high ayo-12 muva nje. UZamo Shezi ongumgqugquzeli wale midlalo ebukeka isasasa layo lingalingani nokukhulunywa ngayo ubonge iMkhelele Towing ngokuyixhasa, Embo Ilanga Tribal Authority kanjalo noNtethelelo Lembede ofundisa eKwandeni noThandiwe Gwala… Read more
-
Lizoqhantsha eWild Coast Casino ifinyila
Nash Ngcobo ABATHANDI besibhakela baseNingizimu Afrika bazobhekisa amabombo kwiFighters Club eWild Coast Casino ngoMgqibelo. Lezi zimpi ziholwa ngezimbili zemizuliswano eyi-10, eyodwa yazo kubangwa isicoco se-IBO World Junior Lightweight esingaphethwe ngumuntu kwabesifazane. Abashayisibhakela abazobanga lesi sicoco nguBernice Ferreira waseNingizimu Afrika no-Ellen Simwaka waseMalawi. Impi eyeseka lena kuzobangwa kuyo ese-International Bantamweight phakathi kukaLandile Ngxeke wakuleli noJonas Matheus… Read more