

.
Nash Ngcobo
ITHEKU Disability Sports Forum yazisa wonke amalungu ayo ngamalungiselelo omqhudelwano obizwa Disability Games ozodlalwa eThekwini ngoLwezi 7 (November).
Lezi zindaba ziqinisekiswe nguLucky Buthelezi ongusihlalo weDisability Sports eThekwini.
Unxusa zonke izinhlangano zemidlalo yabaphila nokukhubazeka ukuthi aseyatholakala amafomu okungenela lomqhudelwano.
Imidlalo elindelekile yi-deaf netball, basketball, football, chess, umlabalaba, wheelchair basketball, goal ball nepara table tennis.
“Abadlali abazovumeleka kulo mqhudelwano ngabaneminyaka eyi-19 nangaphezulu.
“Kufanele bafike nomazisi abanesigxivizo (certified) sasesiteshini samaphoyisa,” kusho uButhelezi.
Uthe amafomu okungenela asethunyelwe nge-email noma ngo WhatsApp emaqenjini ohlobo lwemidlalo ezodlalwa.
Ugcizelele ngokuthi kufanele kufike uMfumfu (October) 31 ngo-19h00 esebuyisiwe.
Lamafomu uthe mawathunyelwe kule_email: dissasportforum@gmail.com
Ngeminye imininingwane kungashayelwa uShenge ku-0675477244
Leave a Reply