Category: Sports
-
Ujabulele ukuthola uthando olusha owe- Sport Confederation
Zoloh Millicent Guma UJABULELE ukuthola uthando olusha lwe netball onguSihlalo weSports Confederation yaseMkhanyakude, uTallman Sibiya ngenkathi lesisiFunda sengamele iKwaZulu-Natal Premier’s Netball Cup ebidlalelwa eManguzi Multi-Purpose Centre ngempelasonto. Lemidlalo eyaqalwa ngonyaka ophelile inqotshwe iBeach Blitz yaseThekwini kowamanqamu ebibhekene kuwo eyne – Inkosi All Stars yaseKing Cetshwayo eyehlule ngamagoli angama 48 kwangama 33. USibiya uthe bona njengeqembu… Read more
-
Izoqiniswa ngabasafunda i-eThekwini Basketball
Nash Ngcobo. UKUQOKWA kobuholi obusha be-eThekwini Basketball, kulokozisa inhlansi yokuvuka nokuqina kweqembu leBasketball KwaZulu-Natal. Lokhu kusho ukuphela nya ukugxiliswa kokudlalwa kwebasketball ezindaweni ezithile kodwa kuzosatshalaliswa ezifundeni eziyi-10 zoMkhandlu weTheku. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguPrince Zondi ongusihlalo weThekwini Basketball. Uthe zonke izifunda eziyi-10 kuzofanele zisebenze kanzima ukuba namaqembu azoholela ekwakhelweni izinkundla. “Akuzugcina ngezinkundla kodwa kuzovuselelwa ukudlalwa kwebasketball… Read more
-
Ufuna ukwenza okwahlukile uMkhambathi FC
Nash Ngcobo UKUZETHEMBA kwabaphathi nabadlali boMkhambathi FC esigabeni seSafa ABC Motsepe ngokufinyelela ezingeni elikhokhelayo, kulindeleke kubonakale le liqembu selidudulana neMillford FC kwiLast 16 yeNedbank Cup khona maduzane nje. Le liqembu elihlanganise amaWadi angaphansi kwesiFunda seTheku noMgungundlovu, lifisa ukubalwa nalawo agijima esigabeni esikhokhelayo kungekudala, okuzofakazelwa wukuphathwa kwalo ngokuseqophelweni eliphezulu. Lokhu kuqinisekiswe wumphathi walo uNtuthuko Mlaba obonge… Read more
-
Ibhekwe ngabomvu imiklomelo yeZululand Ultra Marathon
Nash Ngcobo UKUBUYISWA kweZululand Ultra Marathon 56km esanda kwethulwa yiZululand District Municipaitykungase kwandise isibalo sabagijimi abasazongenela iComrades Marathon 2026, okumanje aseqalileamalungiselelo ayo. IZululand Ultra Marathon izosukela Ondini iphelele KwaNongoma ngoMbasa 19 (April) ngo-6h00,okulindeleke kuwo izinkumbi zabagijimi nokuphela kwendlala yeminyaka emine kungabonakalimakhono abagijimi bawo. Lo mjaho usezingeni laleyo okungenelwa ngayo iComrades Marathon eminye yawo ethe chithi… Read more
-
Ingama-23 eyokungenela iComrades Marathon 2026
Nash Ngcobo IMINGENELO yakamuva yeComrades Marathon 2026 esiqubulo sayo sithi ”Ungapheli Amandla- Ska Fela Moya“ engama-23 ezoginjwa kulenyanga kaNhlolanja (February), emithathu yayo iKwaZulu-Natali. Umjaho wokuqala oKwaZulu-Natali ubizwa ngeHillcrest Marathon uzoba ngeSonto. Ibanga lawo elizophindwa kabili kanti inhloso enkulu ngawo wukujwayeza abagijimi indawo enemiqansa kwazise iComrades yalo nyaka iyenyukela. Sekunyaka wama-50 lo mjaho usuka eCity Hall… Read more
-
Ikhonjwa entshonalanga nasenyakatho indebe ye-Afcon 2025
Nash NgcoboUKUZINZA kwamaqembu asentshonalanga nokuqubuka esiswini kwawasenyakatho ye-Africa kwi-Afcon 2025, kuzojabulisa abalandeli njengoba kuzodudulana amaqembu alezi zindawo. Isasasa lalo mdlalo wukuthi akwaziwa mbhantshi kujiya njengoba ifinal kulindeleke ibe phakathi kwentshonalanga nenyakatho kanti abanye balindele idlalwe ngawasentshonalanga kuphela. Umdlalo weQuarterfinal yalo mqhudelwano uphakathi kwe-Egypt esibe ngompetha balendebe kasi-7 ezodudulana kuwo neSenegal engompetha bango-2021. Ngawo lonyaka okunqobe… Read more
-
Akungalahlwa mbeleko ngeBafana Bafana
Nash Ngcobo UKUKHISHWA kweNingizimu Afrika kwiLast 16 ye-Afcon 2025 yiCameroon ngo 2-1, makufundise abagadli ukubaluleka kokusebenzisa amandla nobuchule bokushaya amagoli ngokushesha. Ukujwayeza abadlali ukudlala ndawonye kanjalo nohlobo lwesikimu abasidlalayo, ukwehlisa uvalo lobukhulu bomdlalo, kuzoyisebenzela iBafana Bafana kweyeNdebe yoMhlaba Ukwehlulwa yiCameroon akusho ukuthi sekuphelile ngeBafana, okubalulekile nje wukuzilungiselela kakhudlwana kukaHugo Broos nethimba lakhe ngemidlalo ezayo. Lokhu… Read more
-
IKZNCU izokwakha izinkundla zekhilikithi
Nash Ngcobo IKWAZULU-Natal Cricket Union (KZNCU) engasokoli nakancane kwezezimali kule sizini, isiphonsele inselelo bonke ososeshini abafuna ukwakhelwa inkundla yalo mdlalo. Ayigcinanga ngokufuna ukwakha izinkundla kodwa izosiza ekusungulweni nasekuhlinzekweni kwezidingo zalo mdlalo wonkana. Lokhu kutshelwe le liphephandaba yisiKhulu esiPhakeme seKZNCU uHeinrich Strydom. Lesi sikhulu sithe sizishaya isifuba ngempumelelo yale nhlangano kanjalo nezinhlelo zayo zoguquko lwalo mdlalo.… Read more
-
Izohlaba ngemuva nangaphambili iBafana Bafana
Nash Ngcobo INDLELA ebheke kwiLast 16 ye-Afcon 2025 yeBafana Bafana, izocaciswa wukuqina kodonga lwayo nokuba bukhali kwabagadli isibhekene neCameroon namhlanje ngo-21h00. Lo mdlalo ngowokuqala weLast 16 yalo mqhudelwano we-Afcon 2025 izinga lawo elikhula unyaka nonyaka ngaphansi kobuholi bukaDkt Patrice Motsepe. Imiphumela eyedlule yalamazwe emiqhudelwaneni yalo luhlobo, ngeke isebenze njengoba kuzobe kudlala abadlali nabaqeqeshi abehluke… Read more
-
IKenville Primary inqobe egalofini lezikole
Nash Ngcobo IZiNGANE zaseKenville Primary ziphakamise ifulegi lesi sikole ngokuba ngompetha bokuqala beLuyanda Gumede Golf Tournament ebiseNu Range eHillcrest. Lesi sikole sidle umhlanganiso kwiBest Swing ethathwe ngu-Awandile noweBest Player of the Tournament uMathobela. OweMost Charismatic Player kube nguDevdan Govender waseSarnia Primary. Lo mqhudelwano oqale ngoNovember 22 e-UKZN Golf Range wasongwa eHillcrest usuzobakhona minyaka yonke. USidney… Read more