Category: Sports

  • Kuye ngawenkehli kuMashobane ngePMLC

    Nash Ngcobo. IMEYA kaMasipala wesiFunda iZululand, ijabulise okwengane iphiwa ithoyizi imemezela ukubakhona kweKaizer Chiefs kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup. Lokhu kubonakale ngenkathi uKhansela Michael “Mkhonyovu” Khumalo enekela umphakathi indlela asebeyihambile ekuheheni iChiefs kulo mqhudelwano. UMashobane uthe abantu bangamangali ukubona iBorussia Dortmund kulo mqhudelwano eminyakeni embalwa ezayo. Nyakenye uthe kulo nyaka kuzotheleka iziMpofana esho iChiefs, ngempela kube… Read more

  • OMasipala mabazibandakanye nezemidlalo

    Nash Ngcobo. UKUZIDLELA amahlanga kweKwaZulu-Natali neTheku emidlalweni yesintu, sekunike uNgqongqoshe wezeMdlalo, amaSiko nobuCiko uMntomuhle Khawula ithuba lokugqugquzela omasipala ngokuba nemidlalo njalo ngezimpelasonto. Lokhu uKhawula ukusho lokhu emcimbini wokwethulwa kwemidlalo yesintu e-Ugu Sports & Leisure ePort Shepstone muva nje. Lemidlalo esungulwe ngowe-2005 ePort Dunford ibingenelwe ngomasipala abayi-10 nemetro eyodwa kanti muva nje usukhule kakhulu. UNgqongqoshe Khawula… Read more

  • Aqhathwa namhlanje aweSATO

    Nash Ngcobo. UKWETHULWA nokuqhathwa kwamaqembu koweSATO kuzokwenzelwa eHollywoodbets Kingsmead Stadium namhlanje ngo_14h00. Lo mqhudelwano osezingeni lomhlaba weSouth African Teachers Organisation ( SATO), uzodlalelwa eThekwini ekupheleni kukaNcwaba (August) KwaZulu_Natali Ubuholi bukazwelonke beSadtu bona buyidlulisele KwaZulu_Natali, yona eyidlulisele eThekwini. Read more

  • Sezigawulwe zabekwa kwesemiddleweight

    Nash Ngcobo ISICOCO sikaPhikelelani Khumalo ongumpetha kazwelonke wemiddleweight, sizulelwa ngamanqe njengoba kulindeleke asivikele kuSiphiwe Mbhele. Lempi ingezinye zezihlelwe yiGodafrid/Mvelo Promotions ezizokuba seThe Station Urban Space eThekwini ngoNcwaba 30 (August). Impi eyeseka lena yesicoco sikazwelonke ngekaShamiso Ntuli azohlephulana kuyona noThembani Mhlanga kwi-super middleweight okungeyemizuliswano eyisishiyagalombili. Enye yemizuliswano efanayo iphakathi kukaNtethelelo Magcaba noNtokozo Mthonti yejunior bantamweight. Eyesibili… Read more

  • USuthu neminyakazo emisha

    Nash Ngcobo AMAZULU FC okuphele isizini edlule esekhombisa inqubekela phambili azoqeda lena eqalwayo esekwiTop 4. Lokhu kuzovunwa wukuzalwa kabusha okufakazelwe wukusayinisa abadlali abaneminyaka engama_24 kuya phansi. Lezi zindaba ziqinisekiswe wuMengameli wale liqembu uSandile Zungu otshele abezindaba ukuthi uSuthu alusophinde lube yindawo yokugugela neyokulahla okungasadingwa ngamanye amaqembu. Ubonge bonke abadlali abasebenze ngokuzikhandla bafaka iqembu kwiTop 8… Read more

  • Sekuhlonishwe uMike Mthembu ngeDundee July

    Nash Ngcobo UBUHOLI beKZN Traditional/Rural Horse Racing bubambisene noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko buhloniphe omunye wabasunguli beDundee July. Lowo nguMike Mthembu ongomunye wezikhulu zomnyango wezemidlalo obebhekelele ezomtelebhelo. UMvelase obekhona usungulwa lo mjaho eminyakeni engama_20, wendele koyisemkhulu nyakenye. UMnyango wezeMidlalo ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe uMntomuhle Khawula, usuqambe eminye yemijaho yeDundee July ngoMike Mthembu. Nakuba kungakaqinisekiswa ukuthi ngumjaho wesingaki… Read more