Isikhonjwa eNgilanyoni eka-U/15 

Posted by:

|

On:

|

 ABADLALI abadle umhlanganiso emikhakheni eyahlukene abazomela iPinetown Super Cup U/13

Nash Ngcobo

PHEZU kokuba iSouth African Football Association (Safa) ingebukhali ekugqugquzeleni imidlalo yeligi yabasebancane, umphakathi awuzibekile phansi ngemiqhudelwano ka-U/15.

Lo mkhuba omuhle ojwayeleke eThekwini sewenabele naseNgilanyoni eMid-Illovo. Lokhu kuzobonakala eNgilanyoni Sports Ground ngoLwezi 29 (November) lapho okuzobangwa isiteki sika-U/15.

Amaqembu afuna ukungenela, asavumelekile njengoba ezoqhathwa ngoLwezi 23 khona eNgilanyoni. Kujoyinwa ngoR250 kanti kuvulelekele wonke amaqembu kanobhutshuzwayo.

Abafisa ukujoyina noma ukuthola eminye imininingwane bangaxhumana noNkanyios Nene ku-0634987426.

Kufika lezi zindaba nje Isicelo Sport Skills ibiphothula amalungiselelo ePinetown Super Cup ezodlalwa ngoZibandlela.

Lamalungiselelo abengomqhudelwano ka-U/8 kuya ku-U/13 obudlalelwa eKloof High School Grounds.

Emva kwalo mqhudelwano kuqokwe iqembu lika-U/12 eliyisipesheli elizobizwa ngePinetown Super Cup U/13.

USicelo Zuma ongumgqugquzeli walo mqhudelwano uthe inhloso yale liqembu wukuvuselela ugqozi kubazali lokusabalalisa amakhono ezingane zabo.

Posted by

in