

Nash Ngcobo.
PHEZU kokuba kubhiyoze wonke umuntu ngokungena kweBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba, ayiphelile eyokuthola incazelo ngobudedengu bokuboshelwa kukaTeboho Mokoena koweLesotho kungafanele.
Lokhu kuholele ekuhlawulisweni kweNingizimu Afrika uR217 000 yiFifa maqede yephucwa amaphuzu amathathu, okudale isimo esimuncu kakhulu ezweni lonkana ngobuholi beSafa.
UGayton McKenzie uNgqongqoshe wezeMidlalo, wezobuCiko namaSiko uthe yize iFifa ingahambisani nokugxambukela kukahulumeni emaqenjini esizwe, kubalulekile ukuthi izwe lazi ngembangela yokudlaliswa kukaMokoena esenikezwe amakhadi amabili aphuzi.
UMcKenzie ubuza lombuzo kube kufanele. Ithimba losomaqhinga leBafana Bafana, umdlali, ukaputeni weqembu, isikhulu esimele iNingizimu Afrika kwiFifa, uMengameli weSafa, iMenenja ebhekelele wonke amaqembu esizwe kuzovala uGlyn Binkin imenenja yomdlali othintekayo, bonke laba bantu banecala lobudedengum
Lenhlawulo okufanele ikhokhwe yiNingizimu Afrika, kufanele incozulwe emihlomulweni yabo bonke abangawenzanga umsebenzi wabo.
UDkt Danny Jordaan uMengameli weSafa kuzofanele aqhumise isitshwebhu kulabantu abathintekayo ikakhulukazi ithimba losomaqhinga.
Kuzofanele akubeke eceleni ukuthi naye usagqigqa inkantolo ngecala lenkohlakalo, akabhekane nale nkinga ezodicilela izwe phansi iuma inganqandwa manje.
UMcKenzie uhlulekile wukubamba injabulo elethwe yiBafana maqede wabaklomelisa ngezi_R5 (million). “Akufanele siluzibe lolu daba, makutholakale isifundo nesixazululo sokuholele kulona. Siyizwe elone
Elinemithetho okufanele ihlonishwe, umkhiqizo esiyiwo nesiziqhayisa ngawo oyizwe (Brand SA) ungene ehlazweni ngale liphutha. Akugcine ngci ngalokhu, siqikelele kakhudlwana nakweminye imiqhudelwano emikhulu ezayo,” kusho uMcKenzie.
INingizimu Afrika isivivela i_Africa Cup of Nations 2025 ezoyidlala eMorocco ngoZibandlela (December).
Ngaphandle kobudedengu bokubophela uMokoena, ithimba labaqeqeshi nabadlali: Sithi Halala! muhle umsebenzi abawenzile .
