Ikuphindile lokho i-SRF Flexipack kowamafemu

Posted by:

|

On:

|

IPHINDE yagqama kanje injabulo kubadlali be-SRF Flexipack emva kokuvikela isicoco seHammarsdale
Cato Ridge Workers League. Isithombe: Sithunyelwe.

Nash Ngcobo

I-SRF Flexipack engompetha baka-2025 beHammarsdale Cato Ridge Workers Tournament isivikele ngenkulu impumelelo isicoco sayo ngokuxebula iStanton Workwear ngo-7-1 kwifinal ebiKwaSishi Sports Ground e-Unit 1 muva nje.


Ukunqoba kwale liqembu kulibeke ethubeni lokugoduka no-R5000. Elilale isibili lathola u-R2000 kanti isithathu sihambe nomthobanhliziyo ka-R1000 nezindondo.


Lo mqhudelwano isiqubulo sawo esithi “Phansi nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane nobumnnobusela obudlangile ezweni” usazoqhubeka nokudlalelwa kule ndawo, okunesifiso esikhulu sokubuyiswa kwezimboni nobumnandi bakudala.


Kuningi okuhle iHammarsdale eyaduma, yahlonishwa ngakho okufanele kubuyiswe futhi kuqhakanjiswe ukuze kubuye ukuzigqaja ngokuba yisakhamuzi sakhona.


Usihlalo weHammarsdale Cato Ridge Workers League uDura Mchunu usalokhu elihlabe njalo ikhwelo kosomabhizinisi ngokweseka nokusungula amaqembu azodlala kulo mqhudelwano.


Ngalokhu uthi amabhizinisi azothola ithuba lokuzikhangisa kanjalo nokukhumbuza abathengi ngemikhiqizo eyidayisela umphakathi.


Abadlali okubonakale amakhono abo baseqokwa kuleyo mikhakha kuhambe kanje: iMan of the Tournament – ULwazi Ndlovu, iBest Goalkeeper – UMondli Gabela, uTop Goalscorer – uSiya Mbatha.


I-Most Promising Player – UKonke Ndlovu kwazovala i-Best Coach ngoLungisani Ndlovu.

Ngeshwa onompempe nabasizi babo kanjalo neqembu elibe nabalandeli abaningi awubanga khona umklomelo wabo.


Ngokwesifiso sikaMchunu, bonke laba okubonakale lamakhono, kungakuhle ukuthi
emiqhudelwaneni ezayo, baduduzwe ngenkence.

Lokhu uthe kuzobasiza ekuhlabeleni phambili ngokuthuthukisa le likhono elibonakale kulo mqhudelwano.

Uqhubekile nokuqhweba bonke abanesifiso sokuzojoyina noma ukuxhasa lo mqhudelwano nganoma yingani abanayo bamshayele kule nombolo 0787433874. – Khula Sports

Posted by

in