
abaqhamuka ezifundeni zikaMasipala weTheku abebedlala eWindsor Park eThekwini

Nash Ngcobo
IMENENJA ebhekele ukuthuthukiswa komdlalo wegalofu ezinganeni zasemalokishini nalezo ezisemakhaya futhi eziqhelelene namadolobha, uhlaba ikhwelo kulabo abangaphonsa ekulekelelweni kwezingane ngezidingo zalo mdlalo.
Lowo nguJoseph Kunene oyimenenja yeKwaZulu-Natal Golf Development engaphansi kweSouth African Golf Development Board, ofoconga isigqoko kunoma ngubani onganikela ngezinto zokudlala uma ziyodlala nokwandiswa kokudla kwezingane yize lusekhona usizo okwamanje.
Uzwakalise ukubonga okukhulu kuMasipala weTheku ngosizo obahlinzeka ngalo
zinyanga zonke olubhekele ezinye zezidingo ezibalulekile emalungiselelweni alo mdllalo.
“Phambilini besinenkinga enkulu yokutholela izingane okuya ngasethunjini uma sekuyisikhathi sekhefu njengoba kukhona ebezinentshisekelo yokufunda lomdlalo, kodwa zinqindwa imali yokugibela nokuthenga okudliwayo.
“Ngiyabonga kakhulu kwabangenelelile kwezokuthutha nasekudleni, esengikucela wumnikelo wezikhwama, izinduku zokudlala, amabhola kanjalo nokokugqoka kulabo abanakho abangasakudingi,” kusho uKunene.
Uqhubeke ngokuthi baningi abadlali asebevelile ngaphansi kwalo luhlelo lokuthuthukiswa kwegalofu yize luqale kanzimana kodwa ngokuhamba kwesikhathi seziqalile ukubonakala izimpawu zokusimama kwabo kulo mdlalo.
Uzwakalise okukhulu ukubonga kubazali abafake isandla ngezindlela ezahlukene ekulekeleleni izingane ngaphandle kokubheka ukuthi akuzona ezabo. Kanjalo nalabo abagqugquzela zingane masonto onke ukuyodlala, ngithi bangapheli mandla.
Uqhubeke ngokuthi nabanye abazali mabasike iphethini kulabo abagqugquzela futhi baphelezele izingane zabo uma ziyodlala ukuze babone ubuhle nomehluko ozokwenzeka ezimpilweni zazo.
Uthe akukhathaleki ukuthi abafisa ukuphonsa banganikela kangakanani, okubalulekile wukusizakala kwengane nengane edlala lomdlalo, phambilini obubekelwe izinhlanga ezithile.
Muva nje uthe baphezu komkhankaso wokusabalalisa ikhasi elisha kuwona njengoba namakhono okuwudlala kulabo abebencishwe amathuba evumbuka ubuthaphuthaphu.
Uphethe ngokugqugquzelana kwabazali ekuthini zonke izingane zingene kulo mdlalo, bangasatshiswa wukuthi kugqobhoza iphakethe ukuwudlala, konke okuhlelelwayo kuyenzeka.
Abafuna ukuphonsa kulesi sivivane nganoma yingani ukuze kusizakale labo abanothando kodwa abantulayo bangaxhumana noKunene kule nombolo 0823759258.