Author: Zwelethu

  • ITheku likhomba i-KZN ngemigwaqo emibi yase-Outer West

    Nash NgcoboNENZANI lapha ezweni? Lesi yisiqubulo soMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natali oholwa nguNgqongqoshe uMnuz Sboniso Armstrong Duma asibhekise kubantu abangawenzi ngeqiniso umsebenzi wabo. Muva nje uNgqongqoshe uDuma uzishaya isifuba ngokusebenza kokuzikhandla kwamaphoyisa omgwaqo abopha kwasani oluphambana nomthetho njengoba eseqale nemiklomelo yokuwakhuthaza. Lesi siqubulo kulindeleke siphinde sizwakale ezikhulwini ezihola lomnyango ohlangothini lwezemigwaqo eseNtshongalanga yeTheku, osekuphele cishe… Read more

  • UMasipala weTheku ukhulekela ukuthula nobulungiswa

    Nash NgcoboIZINKINGA ezikhungethe iNingizimu Afrika ezigqame kakhulu kuxoshwa abantu bokufika abakuleli ngoba bengenazimvume, sezigqugquzele uMasipala weTheku ukunxusa uMdali ukuthi konke okusazokwenzeka kube nobulungiswa nokuthula. Lokhu kubonakale ngenhlabaluhide (march) yawo wonke amahlelo nabaholi bemikhakha eyahlukene emphakathini abakhombise ukuthi konke okusazokwenzeka, kwenzeke ngobulungiswa nangokuthula. Le mashi ebiholwa yiHuman Resources Directorate kaMasipala kuhloswe ngayo ukuvuselelwa konembeza kubasebenzi bakahulumeni,… Read more

  • I-CMA izothatha isinqumo kwi-AGM

    Nash Ngcobo ICOMRADES Marathon Association (CMA) okuyinhlangano ehlonishwa umhlaba wonke ngomjaho wayo waminyaka yonke iComrades Marathon, izonquma ngekusasa lalo mjaho wangonyaka ozayo emhlanganweni wayo oyisiphesheli ongoNcwaba 1 (August). Lezi zindaba ziqinisekiswe wusihlalo walenhlangano uMark Leathers emva kokuvunguza komoya wokungayingeni kwe-ASA okokuphuma ujosaka kweCMA ngokungayithobeli iKZNA. IComrades Marathon ngonyaka ozayo izogubha iminyaka eyi-100 kanti ukubakhona kwayo… Read more

  • Ixoxwa ngezithombe eyeDundee July

    KUME nse ukuhamba kuVictoria Street eDundee July ngesikhathi kunomviliyelo onhlobonhlobo wokuvulela iDundee July ngoLwesihlanu. Kuqale kwakhonjiswa ngamahhashi nabanikazi bawo. Amalungu ebhendi rnBangladesh yasdeSt John’s Baptist Church, onoxhongo, izintombi nto, amajongo, abakhangisi besiko laseNdiya, iqembu loswenka Amageza Amahle. Konke lokhu kuviliyela kuphelezelwa wumculo onhlobonhlobo obushisa phansi. Amanye amaqembu abeviliyela Ubuhle beNdalo, AbeSuthu, amaGirl Guides, Ingoma Dance,… Read more

  • Ivalwe ngowe-R1000 000 oweDundee July

    Nash Ngcobo UKUGUBHA iminyaka engama-21 kweDundee July kubusiswe ngomjaho we-12 obuxhaswe ngesigidi samarandi (R1000 000) Lo mjaho okuvalwe ngawo unqontshwe uMpendulo, obevikela isicoco sanyakenye. Lesi samba sikhishwe Amathole Funerals lapho ihhashi elidle umhlanganiso liklonyeliswe ngoR600 000, okuyisiteki esikhulu ebesiqala ngqa kulo mjaho. Ujokhi wale lihhashi likaHlanganani Mntambo, uSiyabonga Mabaso ubonge wanconcoza ngokukhushulwa komklomelo walo mjaho… Read more

  • Ukhetho lusondeze iPrince Mangosuthu Legacy Cup

    Ntobeko Mzimela UKHETHO lohulumeni basekhaya oluzoba ngoLwezi 4(Nov) nonyaka luphoqe abahleli bomqhudelwano iPrince Mangosuthu Legacy Cup ukuba basondeze usuku lowangalonyaka . Ngokusho kukaSomlomo waseZululand District Municipality uThembeka Memela, kuvunyelwene ngokuthi kulonyaka lusondezwe usuku ngenxa yokhetho. Lo mqhudelwano ozobe ungena kwihlandla lwesikhombisa wasungulwa kuhloswe ngawo ukulondoloza umlando womsunguli we- Inkatha Freedom Party ongasekho Inkosi Mangosuthu Buthelezi.… Read more

  • AwasePortugal aqinisa ubudlelwano neTheku

    Nash Ngcobo ID.OLOBHA iTheku elidume ngokwakha ubudlelwane namazwe omhlaba, selenze okufanayo namadolobha asePortugal. Lawo madolobha yiPorto neLisbon okufakazeleke emhlanganweni wokwamukelana kwalamadolobha osanda kubaseThekwini. Inxusa lasePortugal uMnuz Carlos Costa Neves nethimba lakhe basayinde isivumelwano sokusebenzisana neMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba. Lobu budlelwane kulindeleke ukuthi buthuthukise umkhakha wezohweba ngomnotho wasolwandle, ezokuvakasha nokusizana ngezengqalasizinda ezintweni ezinhlobonhlobo. Akugcinwanga ngalokhu… Read more

  • UNtencane unxusela abaseMzinyathi kwiDundee July

    Nash Ngcobo UMCULI womculo wesintu oshisa izikhotha muva nje, unxusele ozakwabo ukuba baqashwe kwiDundee July. Lo mculi nguSenzo Zondi waseShane eMdlovana odume ngoNtencane, ocele kubadidiyeli balo mcimbi ukuthi itende netende liqashe iciko noma iqembu eliqhamuka eMzinyathi. UNtencane ukusho lokhu emcimbini obekwethulwa kuwo lomcimbi osiqubulo sawo sithi ” Elegantly African – Kuzoba Lit.” Ukhuluma kanjena uZondi,… Read more

  • Izokhula noMandela iDundee July

    ,

    Nash Ngcobo IDUNDEE July ezogubha iminyaka engama-21 kulonyaka, kul.indeleke kufike usuku lomjaho isibhejelwe isamba esiyizigidi ezintathu zamarandi (R3 million). Lokhu kulandela ukuthi kiufike usuku lokwethulwa kwawo sekubheje abayi-2500 wezigidi emijahweni eyi-12, okuzogabavula kuwo amahhashi angama-340 Lo mjaho okhula unyaka nonyaka ngokwezinga, kulonyaka uzogijinywa ngoJuly 18 Endumeni Race Track eDundee, okulindeleke kulo yonke inhlobo yenjabulo. Lo… Read more

  • Inkosi u-AJ Luthuli akafanga ngengozi kodwa wabulawa

    Nash Ngcobo UMPHAKATHI waKwaDukuza namaphethelo uphinde wahlangana ngenhloso yokukhumbula nokuqhakambisa ifagugu leqhawe lalo Inkosi u-Albert John Mvimbi Luthuli emcimbini wokwethulwa kweLuthuli Walk&Fun Run eThembeni KwaDukuza muva nje. Kule-Fun Run ye-10 eyethulwe endaweni okwabulawelwa kuiyona uLuthuli ngoNtulikazi 21 (July) 1967, kuphakanyiswe ukugujwa kwamagalelo ale liqhawe ngendlela ehloniphekile nokuthi kungaphambukwa ezinkambisweni nasezinkolelweni zakhe. Lo luhambo oluzophelezelwa umjaho… Read more