
Nash Ngcobo
I-CONGRESS of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) isiphumele obala yeseka iMarch And March ephikisana nokukhoseliswa kwabokufika kuleli.
Phezu kokuba selungenelwe nguNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Leon Schreiber naye echitha imvume yokukhoseliswa kwabokufika (assylum seekers), iyaqonga eyokuphindiselwa kwabo emuva.
IContralesa ithi uhulumeni makahloniphe abantu abamfake emandleni okubusa uma efuna kugwemeke izibhelu nokuwa komnotho wezwe.
“INingizimu Afrika ngeke imukele abantu abaqhamuka emazweni omhlaba bazobhaca kuleli, abazogcina sebencintelana nabasekhaya ngezinsiza lezi ezinganele.
“Ziningi izinkinga zabantu bakuleli ahlulekayo wukuzixazulula njengoba esezozandisa ngabokufika,” kusho iContralesa.
UNobhala weContralesa inkosi uVT Ngcobo ubuza ukuthi uhulumeni akabalekeleli ngani laba abazwakalisa eyokuphindiswa kwabokufika emakubo njengoba bengamukelekile kuleli.
UFuze uqhubeka ngokuthi uhulumeni akahlukane nokuphila impilo ebutebhu ngezithukuthuku zabavoti.
“Laba bantu abagcwala izitaladi belwela ukwanda nokunikezwa kwabokufika imvume yokukhosela, balwela ukuqondisa izwe nemithetho yalo, ecindezela abomdabu nezakhamizi zakuleli njengoba esevuna ababaleke okufikama .
“Amajaji nosopolitiki
mababhekane neqiniso babuyekeze isimo sabantu nezidingo zezwe kuphetha,” Inkosi uNgcobo.
Leave a Reply