

Nash Ngcobo
INYANGA yamaGugu, amaSiko nezokuVakasha igujwe ngokukhumbuza abantu ngokuhlelela ikhaya nekusasa lalo.
Lokhu kugqame entshumayelweni ekhethekile yoMfundisi Allen Mandlakayise Ngwane eNew Testament Community Church eNagina.
OkaNgwane uthi kukho konke okwenzeka ezimpilweni asingakhohlwa wukuzihlela kabusha, sibheke imuva kanjalo nekusasa lethu. “Get Your House In Order”.
Masingakhathali wukwenza okuhle ngoba siyozuza ngokufanelekile uma isikhathi salokho sesifikile.
“Yenza okuthile okuhle ngempilo yakho, ungayeki ukuthandaza, ungabambeleli ezonweni ezenziwa yisizukulwane sakho, kodwa mema uNkulunkulu ukushintsha bonke lobo bubi.
“Konke okuhle umndeni wakho obuwaziwa ngakho, makungapheli ngawe kodwa kuphakamise kakhulu, udumise amandla ongabonwayo.
” Ukugcina indlu yakho isesimweni esihlelekile kufana nokuqonda nokujabulela umlando womndeni wakini ngokungakhathaleki ukuthi nihlwempu noma nikhomba ngophakathi,”kusho uMfundisi.
Kujabulele ukuthi uzalwa emndenini oyilokhu oyikho ngoba akekho ozikhethelayo. okwakho wukunxusa uMdali akunike amandla okushintsha isimo sawo sibe ngesamukelekile.