
Nash Ngcobo
NAKUBA benconyiwe abahwebi bemboni yokudayiswa kotshwala KwaZulu-Natali ngokulandela imithetho, bagqugquzelwe ngokuqinisa ekulweleni amalungelo abo nokuhweba ngendlela ehlelekile.
Kulokhu kuhleleka kubalwa ukusebenza ngaphansi kobunye futhi bangavumeli ukuxhoshwa nokuqonelwa ngabantu bokufika ezindaweni zabo.
Lokhu kugqame enkulumweni yosuku kaNgqongoshe wezokuThuthukiswa kwezoMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natali uMfu Musa Zondi esidlweni sokuvala unyaka seSisonke Liquor Traders Association ebesiseThekwini muva nje.
UNondaba ubonge ukuphikelela kobuholi beSisonke ngokunxusa ukungenelela kukahulumeni wesifundazwei ekuxegisweni kwemithetho esacindezela ukuhweba kwabamnyama ebhizinisini lotshwala.
Uthe ezifundazweni eziyi-9 ezweni, ezifuqa lomzabalazo iKwaZulu-Natali yiyona ehamba phambili.
Unxuse amalungu eSisonke ukuthi mawafike ngobuningi bawo esiShayamthetho uma sekuphasiswa iKZN Liquor Amendment Bill njengoba u-70% weziphakamiso zayo uqhamuka kule nhlangano.
Udonse ngendlebe abahwebi ngokuhlonipha imithetho yokuhweba, ngokugwema ukudayisa izinto ezingekho emthethweni.
Lokhu ubekubhekise otshwaleni bokuzenzela obungahloliwe, ukudayisela izingane nokuhweba ngendlela yokuhlonipha omakhelwane abakhele izindawo okudayiselwa kuzona.
“Kuzo zonke izinguquko enizifunayo, ningakhohlwa yilezo ezinithuthukisayo kanjalo nabathengi benu.
“Qikelelani ukuthi amabhizinisi enu awasebenzele nina, angagcwali abantu bokufika, abazothatha umnotho wakule lizwe, nisale nincela izithupha,” kusho uZondi.
Uqhubeke ngokuthi imithetho eminingi ebinqinda abamnyama kulo luhwebo, izobuyekezwa eminye iqedwe nya.
Usonge ngokukhumbuza umphakathi ukuthi izisebenzi zikahulumeni kufanele zikhunjuzwe ukuthi zisebenzeka umphakathi ezibala naye uqobo.
Uthe akuphele ukubukela phansi abavoti ezikhulwini kanjalo nasemaqenjini epolitiki, kodwa kubekwe phambili izidingo zabantu ababafake emandleni.
UHulumeni akalutho ngaphandle kwentela yomphakathi, usopolitiki akalutho ngaphandle kwevoti lomphakathi.
Isisebenzi sikahulumeni asilutho ngaphandle kwelungu lomphakathi elingumthengi, umvoti futhi ofana nomqashi waso.
Lilonke uNgqongqoshe ulibeke ngembaba elokuthi ukuhloniphana nokubeka umsebenzi phambili yikona okuyosenza isizwe esiphumelelayo kukho konke esikwenzayo.