UMNDENI waKwaNene kaMakhapha eNgilanyoni, uyanimema ececeni elizosuka ekhaya liye KwaDlamini khona endaweni elingoZibandlela 6 (December).
Kule licece bazoshadisa indodakazi yabo uNelisiwe. Bacela umndeni, izihlobo, abangani nomakhelwane babaphelezele ukuyojabula nabo kulo mndeni.
Isimemo sikhishwe nguMnuz Nkanyiso Nene.