Izothuthukisa ezokuvakasha intaba uMkhambathi

Posted by:

|

On:

|

IMEYA uKhansela
Nhlakanipho Ntombela yethula i-2025 Mkhambathini Mountain Hike Trail 


IMEYA yoMkhambathi Municipality emcimbini wokuvulwa kokuqwalwa kwentaba uMkhambathi abanye abayibiza ngeTable Mountain ephakathi kwakaXimba naseMaqongqo 

Nash Ngcobo

UKUQWALWA kwentaba uMkhambathi, sekuvulele abantu bendawo intuthuko kwezokuvakasha.

Lokhu kuqwalwa kwentaba kuvulwe yiMeya kaMasipala uMkhambathi uKhansela Nhlakanipho Ntombela.

Ukuqwalwa kwentaba, uNtombela ukwenze namalungu omphakathi nezingane ezifunda ezokuvakasha ezikoleni ezine ezisendaweni.

UKhansela Ntombela uthe lokhu yindlela yokuqhakambisa le ntaba esiyenganyelwe Amafa Heritage Institute ngokubambisana ne-Indlondlo Cultural Village.

Uqhubeke ngokuthi isanda kuklonyeliswa ngendondo yezokuvakasha yiNational Heritage Council. Iklonyeliswa nje lendawo cishe eminyakeni engama-70 eyedlule, ibifana nendawo engu-alubhadwa.

Bekubikwa zonke izinto ezisabisayo ngayo njengokuthi uma uke wazama ukuyokwakha phezu kwayo, uyaphephuka umuzi wakho.

Nayo ibizwa ngeTable Mountain kodwa yona iphakathi kwaseMaqongqo naKwaXimba.

Akekho ongazi ukuthi izogcina isiyindawo yokuthuthukisa ezokuvakasha njengoba sekubikiwe bese ivula namathuba emisebenzi kubantu bendawo.

Le liphephandaba lizobika ngodumo lweNagle Dam nomnotho elaliwenzela iDurban Municipality ngaphansi kukahulumeni wengcindezelo, owavimba abendawo ukuzuza nokuzijabulisa kulona.

Lindela lolu daba engxoxweni ekhethekile Isibukosezwe esizoba nayo neMeya uNtombela ezinyangheni ezimbalwa ezizayo.

Posted by

in