ISilo uMisuzulu sibuyisele uNdunankulu uShenge

Posted by:

|

On:

|

ISILO uMisuzulu emcimbini wokugcoba Inkosi uMbuso Ngcobo elekelelwa wuNgqongqoshe uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.

Nash Ngcobo.

UKUSEBENZA ngokuzikhandla kukaMfundisi uThulasizwe Buthelezi kumbuyisele ugazi eSilweni uMisuzulu. Lokhu kufakazelwe wukubuyiselwa kukaMfu Buthelezi esikhundleni sikaNdunankulu kaZulu.

Lezi zidaba zifakazelwe wuMntwana uThulani Zulu okhulumela iNdlunkulu kaZulu.

UMfu Buthelezi usebuyela okwesibili kulesi sikhundla njengoba eseke wakhonjwa indlela kuso phambilini.

UMntwana uZulu akaphumelanga obala ngezizathu ezibuyisele uButhelezi kulesi sikhundla.

“Akukho esitshelwe kona okushintshise Imbube esinqumweni sokuqala. Okucacayo wukuthi iSilo sesiwushintshile umqondo, akekho futhi osibuzile, okwethu wukwamukela lokhu esitshelwa kona, ” kusho uZulu.

Uqhubeke ngokuthi uShenge unikezwe wonke amandla nemisebenzi kaNdunankulu kaZulu. Uthe unethemba lokuthi uzowenza lomsebenzi ngenhlonipho, ukuzinikela nokubuyisa isithunzi sikaZulu.

UShenge onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, ukhombise ikhono ekugcotshweni kweNkosi uMbuso Praisegod Ngcobo emaNyusweni eMgangeni, okubusiswe yiSilo Indlulamithi kaZwelithini.

Phambilini kwalo mcimbi kaNgcobo, uShenge ulamule ukungaboni ngaso linye ebukhosini baKwaMkhwanazi eMtubatuba.

Lapha ukucacisile ukuthi yinye iNkosi eDukuduku okunguNtokozo Mkhwanazi, obekwe yiSilo uMisuzulu. Lokhu uShenge ukwenze ngokwesikhundla sakhe nokumela Indlulamithi. 

UNgqongqoshe uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ecacisa ngokuthi Inkosi uNtokozo Mkhwanazi yiyona nhloko yesizwe saKwaMkhwanazi eMtubatuba naseDukuduku

Posted by

in