Nash Ngcobo
ISUNSHINE Tours, uMasipala weTheku, iHotel Planner Tour ngokubambisana neJonsson Workwear
bazoletha umqhudelwano wegalofu obizwa ngeDurban Open ozodlalelwa eDurban Country Club
ngoNhlolanja (Feb) 19-22.
Lo mqhudelwano osezingeni lomhlaba obiza izi-R6 million) ngokwamadollar aseMelika kuzongenwa
mahhala kuwona ngenhloso yokusondeza bonke abantu ngaphandle kokubandlululwa ngokwebala
nangokwephakethe labo.
Lapha kuzodudulana oshampeni baseNingizimu Afrika, e-Afrika nasemazweni omhlaba ukufakazela
ubukhulu beJonsson Workwear Durban Open.
Le nkundla esilungiswe kabusha emva kokukhahlanyezwa yizimvula, isike yayisingatha iDurban Open
njengoba nyakenye ubuxhaswe yi-Investec.
Kuyaqala kulo nyaka ukuthi uxhaswe yiJonsson Workwear emva kokulungiswa kweDurban Country
Club esezingeni lokwamukela imiqhudelwano okudlana kuyo imilala abadlali bamazwe omhlaba.
Isikhulu esiPhakeme noSihlalo weJonsson Workwear uNick Jonsson uthe ukuletha lomqhudelwano
kanti nenhloko hhovisi yale nkampani iseThekwini.
“Le nkundla inomlando omude futhi ohlonishwayo nohlala ukhumbuleka ngezinto ezinhle uma
kukhulunywa ngegalofu.
“Iyisiqalo sempilo engcono neshintsha isimo senhlalo kubadlali begalofu kusukela ku-amesha kuze
kufinyelele koshampeni abaphila ngalo mdlalo.
“IJonsson Workwear Durban Open izodlala indima enkulu ekuvuleleni amathuba okukhuphulela
abadlali ezingeni elikhokhelayo kanjalo nendlela eya kwiMallorca Rankings bese bedlulela kwiDP
World ngesizini elandelayo,” kuqhuba uJonsson.
Imenenja kaMasipala weTheku uMusa Mbhele uthe lomqhudelwano uzonikeza abadlali abasakhula
abahamba isikole nomphakathi wonkana ithuba lokuhambela izifundo zokudlala lo mdlalo.
Izifundo zegalofu zithe chithi saka eThekwini namaphethelo ngaphansi kohlelo lweSouth African
Golf Development Programme olwethulwa yiKwaZulu-Natal Golf Union.
Lo luhlelo lushayelwa nguJoseph Kunene weKZN Golf Development olusabalele isifundazwe sonkana
kanti selusize intsha eningi ekuqaleni impilo entsha ngokudlala igalofu.
UKunene osezakhele olukhulu ugazi kubazali ngokushintshela imiqondo yezingane zabo egalofini
utholakala kule nombono 082375 9258 – Khula Sports.


One response to “Kuzongenwa mahhala kwiDurban Open”
This is a very good initiative kaMasipala weTheku ukubambisana ne private sector ukukhuphula izinga leTheku kwezokuvakasha and also sports ikakhulu ngokuvulela lomqhudelwano ukuba kungenwe mahhala. I will definitely attend and invite others as well.