Kuyalwa abakhele imifula ngobungozi bemfucuza

Posted by:

|

On:

|

INKUNKUMA yemfucuza okulindeleke kufundiswe umphakathi waseDabe eTshelimnyama ngokuyishintsha yakhe umnotho.
UMFULA okufanele uvulwe kukhishwe isihlabathi ukuze amanzi angakapakeli ezindlini zabantu uma kunemvula enkulu. Kuphakanyiswe nokwakhiwa kwebhuloho lokuwelela eGiba Gorge lapho kupaka khona amatekisi

Nash Ngcobo

IMIPHAKATHI eyakhele izindawo okugeleza kuyo imifula, ifundiswe kabanzi ngokuqoqwa kukadoti. Akugcinanga ngodoti kodwa ifundiswe ngokubaluleka kokutshalwa kwezihlahla nokukhishwa kwesihlabathi emfuleni.

Lokhu kufakazelwe yizikhulu ezibhekele ezemvelo, ezempilo nenhlalo yomphakathi wonkana emcimbini obusemfuleni uMhlathuzana ogudla indawo yaseTshelimnyama eMariannhill muva nje.

Kulo mhlangano bekunethimba lezeMvelo eliqhamuka e-Unjversity of KwaZulu-_Natali, iGreenworld Environment & Tourism, uMnyango wezeNhlalakahle waKwaZulu_Natali.

UNks Cathy Sutherland wase-UKZN noNks Mandisa Nzimakwe weGreenworld baphakamise usuku lukaNcwaba 2 (August) kube ngolokufundisa nokucacisela umphakathi ngokwazi ngezimpawu zemvelo nokuvikelwa kwayo.

Kuvele ukuthi imvelo egadwe kahle igcina isiwumthombo womnotho ngezindlela ezahlukene.

Kunxuswe zonke izinhlaka ezakhele imifula ngokuhlanganisa amakhanda ziqhamuke nezixazululo zezinkinga ezidalwa wukungcola

AMALUNGU omphakathi waseTshelimnyama abechazelwa ngokubaluleka ngokwazi izimpawu zesimo sezulu nokuzivikela ezikhukhuleni ezijwayele ukucekela phansi izindlu nezimpahla zabantu

Posted by

in