Akugxilwe ezifundweni ezizokwenza abantu baziqashe bona

Posted by:

|

On:

|

IPHINI likaNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala eluleka abafundi baseNdwedwe.
IBIGCWELE phama kanje abafundi baseNdwedwe iJohnny Makhathini Hall lapho uMnuz Sihle Zikalala abeyisikhulumi sosuku khona.


Nash Ngcobo

UMKHANKASO wokuhlomisa intsha ngekusasa eliqhakazile kwezamakhono ubududulwa emagcekeni kaMasipala waseNdwedwe.,

Lapha iPhini likaNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala obeyisikhulumi sosuku, unxuse intsha ngokugxila emsebenzini wezokwakha nokubhekelelwa kwezakhiwo ezinhlobonhlobo.

Unxuse intsha ebigcwele phama iJohnny Makhathini Hall ngokuqala ebangeni le-10 ne-11 ukuqinisa ekufundeleni imisebenzi ikakhulukazi lena eyivela kancane.

Ulibeke ngembaba elokuthi umnyango wakhe ukhipha imifundaze eyi-100 njalo ngonyaka kubafundi abazothatha umkhakha wezokwakha ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Le mifundaze uthe ayibandlululi ngobulili nangokwebala kodwa inikezwa labo abaphumelele kahle ebangeni le-12.

Uxwayise labo abasacwile ekubhemeni, ophuzweni oludakanayo, abajolayo nalabo abaqala ukufunda sesiphelile isikhathi ngokuthi ngeke balibone elidlalayo.

“Kufanele uzimisele usaqala nje unyaka ngoba umfundaze akuwona owezingane ebezifunda ezikoleni ebezingoModel C, kodwa owazo zonke eziphumelele emva kokusebenza kanzima,” uMnuz Zikalala.

Uqhubeke ngokuthi wonke umfundi usethubeni lokushintsha impilo yasekhaya noma ngabe uqhamuka endlini eyakhiwe ngodaka.

Akananazanga ngelokuthi akugxilwe ezifundweni ezihambisana nezidingo zomphakathi ikakhulukazi iMathematics, Technology nePhysical Science.

Usonge ngelokuthi ukuvulwa kweminyango yezemfundo, kudinga ukwesekelwa ngokuthi abantu bafunde amakhono okuziphilisa nokuthuthukisa isizwe sabo hhayi ukwethembela ekuqashweni ngezinye izizwe ezweni labo.

Izikhungo nezinhlangano ebezihambele lomcimbi ngenhloso yokuzokhanyisela abafundi ngezinsiza ezinhlobonhlobo yiSeta, CIBD, abophiko lweConstruction And Property, Sefda, Property And Facility Management, Ocean Economy engaphansi kweMaritime Industry, iMoses Kotane Institute, DUT namaTVET Colleges.

Kuvale uphiko olukhipha imisebenzi yalo mnyango iDPWI olubizwa ngeSupply Chain Management obelwethulwa nguMnuz Zamokuhle Ndlovu.

Posted by

in