Eyokuqedwa kwesiqalekiso iqinise ubunye

Posted by:

|

On:

|

IKWAYA yaseSt Kizito ebinandisa enkonzweni yokuqedwa kwesiqalekiso sikaMabhabha Muthwa ebiseSt Joseph’s Cathedral eMariannhill.
UFATA Nkanyiso Muthwa ekhuleka enkonzwemo yokuqeda isiqalekiso sikakhokho wakhe enkonzweno abebambisene kuyo noFata Senzo Ngidi eRoma. Izithombe: Phush!Plan Media

Nash Ngcobo

IGCWALE phama iSt Joseph’s Cathedral enkonzweni yokuqedwa kwesiqalekiso ebiseMariannhil ngoMgqibelo.

Lenkonzo ebiphethwe nguFata Nkanyiso Muthwa noFata Senzo Ngidi bekungeyokucela ukuqedwa kwesiqalekiso esaqalekisa uMnuz Mabhabha Muthwa waseMarinnhill endulo.

Inkolelo kaMabhabha yasyiphambene kakhulu nobuKhatholika nokuyikona okwamxabanisa nabefundisi. Kuthiwa waqalekiswa nguFata weBandla EliKhatholika emva kokwenza okwakungahambisani nebandla.

UFata Muthwa oyisizukulwane sikaMabhabha uhlanganise bonke abantu bakaMuthwa ukuzocelela ukuqedwa kwalesi siqalekiso.

Kulenkonzo kucelelwe uxolo nokubuyisana kulabo abahamba kulomhlaba bengazwani abanye bebambelene amagqubu.

“Baba sicela bonke abakithi abahamba bengazwani, bebambelene amagqubu baxolelane. “Baba sicela uqede isiqalekiso owasibeka kukhokho wethu uMabhabha ukuba siphele,” kusho uFata Muthwa ngomthandazo.

Uqhubeke wanxusela nalabo abasaphila ababophelene amafindo okungezwani ukuba baxolelane, kuqedwe noma luhlobo luni lwesiqalekiso esibasibekele.

Uthe bonke abanezicelo ezinhlobonhlobo nabangaphathene kahle emakhaya, kuphele konke lokho kodwa babe moya munye.

Sekuvalwa imisa nezinxuss kucelwe uMabhabha nalabo abangacelelwanga ukuba iNkosi ibaphe umphumulela wafuthi.

Khona manjalo uFata Muthwa uphinde wamema bonke oMuthwa enkonzweni yakhe eseLady Of Sorrows KwaMakhutha ngoMandulo 24 (September).

Kule nkonzo uzobe ebonga ukuqedwa kwalesi siqalekiso, ebuyisela abantu bakubo eNkosini.

Ikwaya laseSt Kizito KwaNdengezi ibingazibekile phansi ngomculo onomyalezo. “Kukhona amadlelo angakabonakali, ilanga lizoxosha ubumnyama” lena ngeminye yemicu ebisho phezulu.

Posted by

in