
Nash Ngcobo
IZAKHAMIZI zika Wadi 17 entshonalanga yeTheku, zihlinzekwe ngamakhono anhlobonhlobo ukuxosha ikati eziko.
Lokhu kulandela uhlelo olwethulwe nguKhansela Sbusiso Khwela ezakhamizini ezingasebenzi iningi lazo okuyintsha.
UKhwela ngokubambisana ne_eThekwini Municipality Academy bazoqeqesha amalungu omphakathi ngezinhlobo zamakhono ahlukene.
Kulamakhono kubalwa i_plumbing, plastering, bricklaying, electricity, cashiers, tele sales nokunye.
Le misebenzi izofundwa kule_academy ukuhlinzeka abantu bendawo njengoba kuzokwakhiwa inxanxathela yezitolo (mall) kule wadi.
“Sifuna ukuthi izinkampani ziyeke kumbe zinciphise ukufika nabantu bazo, kodwa ziqashe abendawo kuqala.”
“Ukuqeqeshelwa kwabantu le misebenzi ebaliwe kuzoxazulula izinkinga ezivame ukuphazamisa ukuqhubeka kwezakhiwo, izakhamizi zifuna ukuqashwa endaweni yazo,” kusho uKhwela.
Uthe ngalezi zifundo zale misebenzi bazoqala uhlelo lokuhlangabeza uhulumeni ngokuthi eminye imisebenzi bazenzele yona.
“NgeMandela Day sihlanganise umphakathi sapenda izikole, salungisa izindlu zangasese ebezingasasebenzi ngenhloso yokugqugquzela ukuzenzela,” kuqhuba uKhansela Khwela.
Abafuna ukungena kulo luhlelo noma eminye imininingwane bangaya ehhovisi leKhansela elokishini iKlaarwater ukuze bachazeleke kabanzi.