Ikusasa ngelesimame eMsunduzi

Posted by:

|

On:

|


UNKK Nelisiwe Ngcobo oyiFinancial Officer eMsunduzi Municipality ovule inyanga yabesifazane nokunconywa kwamagalelo akhe

Nash Ngcobo

UKUQALWA kwenyanga yabesifazane, kusho ukukhunjulwa ubuqotho nobuholi babo. UMasipala uMsunduzi awusalanga ngaphandle kulokhu kubungazwa kwabesifazane ngamagalelo abo.

Kulokhu kuhlonishwa kwabesimame, uMsunduzi awukhohlwanga wukubonga uNkk Nelisiwe Ngcobo oyisiKhulu seziMali kulo mkhandlu.

IMeya uKhansela Mzimkhulu Thebolla uthe amava kaNkk Ngcobo abonakale kakhulu ngesikhathi eyiBamba likaMenenja kaMasipala ebesaqhubeka nomsebenzi wakhe awuqashelwe.

UMeya uncome ubuqotho ahola ngabo umnyango wakhe. Uthe lokhu ukukhombise eyiBamba leMenenja izikhawu ezintathu, konke akwenze ngobuchule nobuqotho. “UNkk Ngcobo ungowokuqala kulomkhandlu ukubamba izikhundla ezibaluleke kanje kanye kanye.

“Ukhombise ukuthi abesifazane bayawenza umehluko yinqobo nje uma bethola ukwesekwa,” kusho uThebolla.

Uqhubeke ngokuthi ukuzinikela nokukhombisa izinga eliphezulu, kuzovulela nabanye besifazane ekuqhubekiseleni phambili lomasipala.

Kubo bonke abesifazane abayibambe ezikhundleni ezahlukene eMsunduzi sithi: “Happy Women’s Day”.

UMeya ufisele uNkk Ngcobo konke okuhle kule nyanga, ukwesekwa akudingayo namandla okuqinisa inqubekela phambili, ahole abantu ngothando nangokuziqhenya ngabo.

Uyakhuluma -Ungumholi onohlonze

Posted by

in