

obeyikho konke kubona
Nash Ngcobo
UKUKHULA ngaphansi kwesandla esiqinile sabazali akumenzanga waba nenhliziyo elukhuni uMnuz Nhlanhla Erick Mazibuko ofihlwe ngoMgqibelo sanda emva kokugula isikhashana.
Izingane eziningi zivame ukukhula nenzondo kubazali, abaqinisa isandla ekukhulsweni kwazo, akubanga njalo kuNhlanhla, kodwa kuqhakambe uthando nokuzwelana nabanye abantu.
Lokhu kubonakale futhi kwakhulunywa ngakho enkonzweni yokumphelezela ebiseMariannhill Hall eNagina.
Umculo obusho phezulu kumakholwa aseMethodist, ufakazele impilo abeyiphila yokuthanda abantu nokucula.
Ubengumlandeli omkhulu wenetball engingabazi ukuthi ubeyogcina engumqeqeshi kumbe imenenja yayo kwelinye lamaqembu esizwe.
Ulandele lomdlalo kungakaphushwa ukuthi uyogcina usudlalwa ngabesilisa njengoba ekhule ewudlala namantombazane futhi engafuniseli ngawo.
UNkk Thandi Majozi udadewabo kaNhlanhla ubabaze futhi wancoma igalelo likamfowabo lokuthatha indawo yabazali besaphila ngokubenzela konke ekukhuleni kwabo.
Umndeni wakhe uwuthandile, wawumela ezikhathini ezinzima nezimnandi.
Enza lokhu ubengakhohliwe ngomakhelwane bakhe, abebanakekela futhi ebaduduza uma besebubini.
“Ubhuti Nhlanhla usifundise ukuhlanza indlu, ukupheka, ukuwasha, noku-ayina. “Ubesibeletha, esigeza, asenzele ukudla asisize nangomsebenzi wesikole, Lezi zinto bebengazenzi abafana abangangaye,” kusho uThandi.
Akagcinanga lapho esesebenza uthathe indawo yabazali besadla anhlamvana ngokusimela ezidingweni zokugqoka nezesikole.
Uvale umgido esithengela umuzi eNagina emva kokusuka eSikhaleni lapho esihlalise khona emva kokushiswa komuzi wakubo odlameni lwaseHammarsdale.
Usonge ngokuthi ubasingathile kuzo zonke izimo zomndeni abebebhekana nazo. Wenza konke lokhu nje akabakhohliwe omakhelwane, izihlobo nabangani.
Ubeyilungu lokuqina lombimbi lwabafundi abazibiza Isibukosezwe Alumni abaphokophelele ukwenza konke okuhle kulesi sikole esavulwa ngowe-1973.
Egameni lama-Alumni eSibukosezwe sithi: Lala Kahle Uphumule Mwelase, Nzima. Awuziphilelanga wena wedwa, ube yisibonelo esihle.
Sengathi bangaba baningi abasika iphethini yale ngubo obuyigqokile.
