

Nash Ngcobo
UPHIKO lwezokwazisa nokufundisa ngaphansi kweSankofa Enterprises (Pty) Ltd, lukwethulela iphephandaba lomphakathi Isibukosezwe. Le liphephandaba lizotholakala online liphinde libe yi_print ngokuhamba kwesikhathi.
Lizogxila kakhulu ezintweni ezithinta intsha nokuhlinzekelwa kwekusasa eliqhakazile ezakhamizini zaseNingizimu Afrika ngezindlela ezahlukene.
Lizobika ngezindaba zemfundo, amabhizinisi nokuhlinzekwa kwamathuba emisebenzi ikakhulukazi ukuzenzela, kunciphe ukuqashwa. Yonke inhlobo yemidlalo, ezikaqedisizungu nezamasiko kusukela kuzo zonke izikole kuya emazingeni akhokhelayo, zizotholakala kulona.
Izisebenzi zikahulumeni ezishaya ngonyawo lonwabu ekuletheni izidingo zomphakathi, zizohlala obala kuhle kwezinqe zesele. Yonke imiphakathi, iminyango nezakhiwo zikahulumeni nongqongqoshe bayo bazovezwa obala ukuthi basasebenza ngokwezimiso ababekelwe zona yini.
Asizondi, asinamona, asincengi bungani kodwa sisebenzela umphakathi. Sifuna enikwenzayo kube Isibukosezwe, wonke umuntu afisa ukuzibuka kusona. Amagwala nezichwensi asiwafuni, inkohlakalo nobuvila sizobhekana nabo ngqo.
Umbala omnyama asisoze sathi umhlophe, iqiniso sizolimela libaba linjalo, yinqobo nje uma lizobuyisa isithunzi nomnotho kubantu abamnyama.
Abafuna ukusithumelela izindaba, izimemo nezithombe sitholakala kule email:johnngcobo1192@gmail.com/ 0833010869/0630258426 kuWhat’s App nasocingweni