UMasipala uMkhambathi uyanwetshwa

Posted by:

|

On:

|

Nash Ngcobo

 UMASIPALA uMkhambathi ophakathi kweTheku noMgungundlovu, usukhuliswe ngezindawo ebeziseThekwini. Lezi zindawo yiMophela engaseHammarsdale, Embo Thimuni Tribal Authority eseMid_Illovo. ICato Ridge isihlukaniswe kabili njengoba umtapo wezincwadi (library) nehhovisi lezicishamlilo (fire department) sekungaphansi koMkhambathi.

Lezi zindaba zitshelwe Isibukosezwe nguMdidiyeli wemiNgcele yoMasipala KwaZulu-Natali uMnuz Mthobisi Manzini. Lo lushintsho uthe luvame ukwenzeka njalo emva kweminyaka emihlanu kuvotiwe, izizathu zakho okuba yizidingo zomphakathi.

“Umphakathi wakulezi zindawo yiwona ofike emahhovisi ethu ukhala ngokuba kude neTheku, okudla kakhulu ephaketheni lawo ugibela kanti uMkhambathi useduzane nawo,” kusho uMnuz Manzini.

Usitshele ukuthi lokudaba selubuya ngisho enkantolo ngoba iTheku lingayizwa kahle eyokuphucwa lezi zindawo, nefike yavuna umphakathi. Kusukela ngonyaka ozayo abantu bakulezi zindawo, zonke izidingo zabo sebezozothola eMkhambathini.

Lokhu kusho ukwanda komsebenzi kulo masipala, ozophoqeka ukuthi uqashe abantu, nokho-ke okungakazeki ukuthi izikhala zabasebenzi abangaki ezizovuleka. Phambilini vele lezi zindawo bezingaphansi koMkhambathi kusaphethe uhulumeni wobandlululo.

Izizathu zokungena kwazo eThekwini wukuthi sasingakakhuli isibalo sabantu abahlala kuzona nokuthi abamhlophe babenakene bodwa, abamnyama befana nento engekho kubona.

Abantu bakulezi zindawo babengenazo ezokuthutha nemigwaqo imibi, kugitshelwa amabhasi nezitimela. Lokhu kwakuphoqa abasebenzi bahlale ezinkomponi nasemiqashweni besondezela izindawo zokusebenza.

Izikole zazithe gqwa gqwa futhi zigcina emabangeni aphansi, ezabamhlophe zithuthwa ngamabhasi ekuseni nantambama. Mfundi kuningi Isibukosezwe esizokupotshozela kona, izinqumo eziphusile nezingaphusile zamakhansela nemikhandlu yawo.

Posted by

in