IContralesa yeseka iMarch And March

Posted by:

|

On:

|

 INKOSI u_VT Ngcobo onguNobhala we Contralesa KwaZulu-Natali

Nash Ngcobo

I-CONGRESS of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) isiphumele obala yeseka iMarch And March ephikisana nokukhoseliswa kwabokufika kuleli.

Phezu kokuba selungenelwe nguNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Leon Schreiber naye echitha imvume yokukhoseliswa kwabokufika (assylum seekers), iyaqonga eyokuphindiselwa kwabo emuva.

IContralesa ithi uhulumeni makahloniphe abantu abamfake emandleni okubusa uma efuna kugwemeke izibhelu nokuwa komnotho wezwe.

“INingizimu Afrika ngeke imukele abantu abaqhamuka emazweni omhlaba bazobhaca kuleli, abazogcina sebencintelana nabasekhaya ngezinsiza lezi ezinganele.

“Ziningi izinkinga zabantu bakuleli ahlulekayo wukuzixazulula njengoba esezozandisa ngabokufika,” kusho iContralesa.

UNobhala weContralesa inkosi uVT Ngcobo ubuza ukuthi uhulumeni akabalekeleli ngani laba abazwakalisa eyokuphindiswa kwabokufika emakubo njengoba bengamukelekile kuleli.

UFuze uqhubeka ngokuthi uhulumeni akahlukane nokuphila impilo ebutebhu ngezithukuthuku zabavoti.

“Laba bantu abagcwala izitaladi belwela ukwanda nokunikezwa kwabokufika imvume yokukhosela, balwela ukuqondisa izwe nemithetho yalo, ecindezela abomdabu nezakhamizi zakuleli njengoba esevuna ababaleke okufikama .

“Amajaji nosopolitiki
mababhekane neqiniso babuyekeze isimo sabantu nezidingo zezwe kuphetha,” Inkosi uNgcobo.

Posted by

in

4 responses to “IContralesa yeseka iMarch And March”

  1. Bongekile Mbeje Avatar
    Bongekile Mbeje

    Inkinga kahulumeni ukungazi ubunzima bokuvuka uyosebenza, labantu bokufika bayiziboshwa ngasemakubo kubona indawo yokucashela amacala abo benze mama business bathole imali engayi kwaSars.kodwa uMongameli uyalazi iqiniso ngeSouth Africa nokudayiswa kwayo. Ongaboni ngeke aphinde abone.

  2. Induna K D Hadebe Avatar
    Induna K D Hadebe

    Inkosi Mapholoba kuliqiniso lokhu akukhulamayo I arch and March izinekele ukuthi izwe lethu lingadliwa amambuka. Nathi singabalandeli baka CONTRALESA nobumbano sikweseka ngokuphelele okushiwo yinkosi Mapholoba ongushlalo kaContralesa. Mzukwane savota kahle sakhipha lezinhlangano ezingabufuni ubuholi bomdabu. Kuyolungiswa umthetho wezwe lethu asiphile kahle sengiphetha amakhosi izinduna omabhalane imikhandlu asiqineni manje singaseki into ezobulala izwe lethu.

  3. Johannes Sukazi Avatar
    Johannes Sukazi

    Kuliqiniso elingephikwe Nkosi ye Sizwe maPholoba ukuthi kukhulu uHulumeni ahlomula ngako kulabantu bokufika asebegcwele kulelizwe.
    Uyakhuluma athi ” Batho Pele ” kodwa uma bekhalaza akabanaki ufuna ukuze konakale okukhona engabe uyalalela ,alungise kungakonakali lutho.
    Ubona ngokuvundululwa kwenkohlakalo ku Madlanga Commission ukuthi kukhulu okuphansi kwamatafula okufihlakele
    Phambili ngabaHoli abaqotho
    iNduna yaso Phongolo
    Sukazi

  4. Zwelethu Ngcobo Avatar
    Zwelethu Ngcobo

    Great story

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *