Seziyahlunga ezabaphila nokukhubazeka

Posted by:

|

On:

|

IQEMBU labadlali baseThekwini abamele imidlalo enhlobonhlobo abazodudulana kumaDisability Games



.

Nash Ngcobo

ITHEKU Disability Sports Forum yazisa wonke amalungu ayo ngamalungiselelo omqhudelwano obizwa Disability Games ozodlalwa eThekwini ngoLwezi 7 (November).

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguLucky Buthelezi ongusihlalo weDisability Sports eThekwini.

Unxusa zonke izinhlangano zemidlalo yabaphila nokukhubazeka ukuthi aseyatholakala amafomu okungenela lomqhudelwano.

Imidlalo elindelekile yi-deaf netball, basketball, football, chess, umlabalaba, wheelchair basketball, goal ball nepara table tennis.

“Abadlali abazovumeleka kulo mqhudelwano ngabaneminyaka eyi-19 nangaphezulu.

“Kufanele bafike nomazisi abanesigxivizo (certified) sasesiteshini samaphoyisa,” kusho uButhelezi.

Uthe amafomu okungenela asethunyelwe nge-email noma ngo WhatsApp emaqenjini ohlobo lwemidlalo ezodlalwa.

Ugcizelele ngokuthi kufanele kufike uMfumfu (October) 31 ngo-19h00 esebuyisiwe.

Lamafomu uthe mawathunyelwe kule_email: dissasportforum@gmail.com
Ngeminye imininingwane kungashayelwa uShenge ku-0675477244

Posted by

in

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *