Nash Ngcobo
IZINDUNA zamaKhosi aqhamuka ezifundeni eziyi-11 KwaZulu-Natali sezizoholelwa ngomsebenzi eziwenzela isizwe.
Lokhu kuphakanyiswe nguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natali uMfundisi uThulasizwe Buthelezi emcimbini wokuklomelisa lezi zinduna ngezitifiketi eThekwini muva nje.
UNgqongqoshe Buthelezi uthe umcimbi wokwamukelisa izinduna ngezitifiketi ngenhloso yokuzihlonipha wenganyelwa nguNdunankulu ngokwesikhundla sakhe njengoba esekhiphe izitifiketi ezingama-280 selokhu engene ehhovisi ngowe-2024.
Uthe lezi zitifiketi zigunyaza izinduna ukuthi zihlomule ngokusebenzela ubukhosi ezingaphansi kwabo, okuyinto ebingenzeki phambilini.
Uncome iqhaza elibanjwe yizinduna zaphambilini nezamanje ngokusebenzela ubukhosi iminyaka eminingi ngaphandle kwenkokhelo.
UNdunankulu uMnuz Thami Ntuli uthe lesi yisenzo sokuhlonipha nokubonga imisebenzi yezinduna namakhosi ngokuhola imiphakathi ngezindlela ezahlukene.
“Konke lokhu bebekwenza ngothando bengaholelwa ngisho indibilishi. Mabaqhubeke ngokweluleka amakhosi benze ubulungiswa ngaphandle kokucwasa abantu ngokwepolitiki,” kusho uNdunankulu.
Nginxusa izinduna ekuqinisekiseni ekuvikelweni kwabesifazane, izingane nasebekhulile kulokhu kuhlukumezeka osekudlangile.
Akagcinanga ekuhlukumezekweni kodwa udlulele ekuvikelweni kobukhosi besizwe sonkana ekuqonelweni ngabokufika, okubukeka kudlanga kunakuqala.
Uthe izinduna azigqugquzele abafana ngokuhlonipha amantombazane nabesifazane asebekhulile bese zidlulela nakwabesilisa imbala.
Uphethe ngokuthi akuqiniswe ukuvinjwa kokungena kuleli kwabokufika ngokungemthetho.
Usazoqhubeka umkhankaso wokuthi “Engangeni Ngesango Iyafohla”
Uphinde waqwashisa ngokuthi bangakhohlwa wukuthi ifa leziwula lidliwa yizihlakaniphi.
Uthe kufanele izinduna zazise umphakathi ngokungqongqoza kuyo yonke iminyango, ufune uxhaso lokuvuswa kwamabhizinisi awo njengoba kwenzeka ohlelweni luka- My Spaza Shop.

Leave a Reply