IChiefs isezingxoxweni zokusayinisa uMngqithi noMokwana

Posted by:

|

On:

|

UMANQOBA Mngqithi ofunelwa ukuphakamisa izindebe kanje kwiKaizer Chiefs.
U-ELIAS Mokwana umdlali ovezwe yiSekhukhune United maqede wasayiniswa eSaudi Arabia
azakhele kuyo ugazi lokubizwa kwiBafana Bafana.

Nash Ngcobo


IKAIZER Chiefs okungelinye lamaqembu ahlonishwayo kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, kulindeleke ivuke ngomdlali nomqeqeshi abangenazibophezelo naqembu (free agents), okunamathemba okuthi bazofika noguquko.


Lokhu kulandela ukuvuka kwezingxoxo ezike zaba phakathi kukaManqoba Mngqithi nabaphathi beKaizer Chiefs zokuzoqeqesha le liqembu, okuphinde kwenzeka ngaphambi kokuqala kwesizini.


UMngqithi osanda kwehlukana neYoung Africans yaseTanzania, uvumile ukuthi izingxoxo nobuholi beChiefs ziyaqhubeka.


Uveze nokuthi akukona okokuqala ukuxoxisana neChiefs njengoba kuke kwenzeka phambilini engakayijoyini neMamelodi Sundowns kodwa kwakhona oma endleleni yakhe yokujoyina iChiefs.


Kufika lezi zindaba nje, umqeqeshi weChiefs uFernando da Cruz usenathemba lokuguquka kwesimo esibukeka sizibhimbela iziMpofana.


Okufakazela ithemba kulo mqeqeshi, wukusekelwa akunikwa wuKaizer Motaung Jnr oyiSporting Director kwiChiefs.


Umdlali weBafana Bafana osanda kwehlukana neqembu lakhe laseSaudi Arabia u-Elias Mokwana, kuphakanyiswe ukuthi iChiefs ixoxisane naye ukuthi ayijoyine.


Kubikwa nokuthi uDa Cruz usezwakalise ukukujabulela ukuba nalo mdlali eqenjini lakhe kulandela izinga alikhombise emidlalweni yakamuva yeBafana Bafana.


IChiefs kuyobe izigwaze ngowayo uma ihluleka wukusayinisa uMokwana noMngqithi njengoba bengenasibophezelo naqembu, abazokufuna kuzobhekana nabo ngqo.

Posted by

in

One response to “IChiefs isezingxoxweni zokusayinisa uMngqithi noMokwana”

  1. Msawenkosi Avatar
    Msawenkosi

    This is great Mapholoba as Kaizer Chiefs fan

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *