IDiscovery Vitality ithuthukisa ezejubane

Posted by:

|

On:

|

BAHLEKE kwavela elomhlathi kanje abagijimi, abaqeqeshi nabaxhasi ngenkathi bemukela izicathulo zokugijma abazinikelelwe yiDiscovery neVitality muva nje.

Nash Ngcobo

UMZABALAZO wokuthuthukiswa kwezemidlalo emazingeni aphansi, ufakazelwe yiDiscovery Vitality ngokunikela ngezicathulo zokugijima kwiKwaZulu-Natal Athletics.

Lezi zicathulo zinikelelwe amaqembu ezingane zesikole eziqhamuka ezindaweni ezingathuthukisiwe emcimbini obuhlelwe yiKwaZulu’Natal Athletics (KZNA).

Amaqembu akhiwe ngabagijimi abaqhamuka lwiMayibuye, Fast Runners, iDumisa, Umgababa kuvale Umlazi Development Club.

UVijay Bhalram osekomitini leKZNA usincome kakhulu isenzo seDiscovery Vitality sokufaka ugqozi lokuhlabela phambili kubagijimi abasakhula.

“Sinethemba lokuthi abanye benu sebezokwazi ukungenela imijaho yabagijimi abasakhula engaphansi kweKZNA,” kusho uBhalram.

Iphini likaMengameli weKZNA uKhulezweni “Kurra” Buthelezi ubabonge kakhulu othisha nabaqeqeshi balezi zingane ngokuzinikela ekuthuthukiseni ezejubane.

Unxenxe abazali nezinhlangano zomphakathi ngokulekelela amaqembu nganoma yingani okuzothuthukisa ezejubane ezinganeni.

Posted by

in

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *