OMasipala mabazibandakanye nezemidlalo

Posted by:

|

On:

|

YETHULWE kanje imidlalo yesintu yemikhakha eyahlukene e_Ugu Sports & Leisure eGamalakhe ePort Shepstone muva nje. Izithombe: KZN SportsConfed
USIBUSISO Dlamini iphini likaMengameli we_KZN Indigenous Games emcimbini wokuqhathwa kwezifunda

Nash Ngcobo.

UKUZIDLELA amahlanga kweKwaZulu-Natali neTheku emidlalweni yesintu, sekunike uNgqongqoshe wezeMdlalo, amaSiko

nobuCiko uMntomuhle Khawula ithuba lokugqugquzela omasipala ngokuba nemidlalo njalo ngezimpelasonto. Lokhu uKhawula ukusho

lokhu emcimbini wokwethulwa kwemidlalo yesintu e-Ugu Sports & Leisure ePort Shepstone muva nje. Lemidlalo esungulwe ngowe-2005 ePort Dunford ibingenelwe ngomasipala abayi-10 nemetro eyodwa kanti muva nje usukhule kakhulu. UNgqongqoshe Khawula uthe uzohlangana nezimeya namakhansela ngenhloso yokuthi kudingidwe izindlela okungalekelelwana ngazo ekuphjakamiseni ezimidlalo idolobha nedolobha.

Le midlalo okuzoqhudelana kuyo izifunda zalesi sifundazwe izoqalwa ngoMandulo 24 (September) kanti kuzoqhudelana izinhlobo zemidlalo eyi-9, izoqalwa kusasa ngoLwesithathu, okuzoqhudelana kuyo zonke izinhlobo zemidlalo yesintu.

Kubo bonke omasipala kufanele kube nemidlalo esezingeni ukuze bonke abantu bahlale bephilile. Udalule nokuthi lokhu kuzosiza ekuvundululweni kwabadlali abazomela izwe emidlalweni yama-Olympics. ” Ngiyayeseka kakhului

iProject 350 kaNgqongqoshe kazwelonke walo mnyango uGayton McKenzie. Mina ngithi u-300 wabadlali bale-project bazoqhamuka eKZN,” kusho uKhawula. Unxenxe zonke izinhlangano zezemidlalo ngokubambisana nomasipala besifunda ekugcinweni kwezinkundla ziphephile futhi zinakekelwa ukuze kwande abadlali bemidlalo enhlobonhlobo. Lokhu uthe kuzonikeza abadlali impilo ende okuzoba yimpumelelo ngokuqiniswa kohlaka lwezokuthuthukiswa kwemidlalo enhlobonhlobo.

Posted by

in