IBafana Bafana iqede indlala yeminyaka engama-23

Posted by:

|

On:

|

BEKUYINJABULO kanje ezweni lonkana ngenkathi iBafana Bafana iqumba phansi iRwanda ngo-3-0 okuyibeke kumafinal eNdebe yoMhIaba ka-2026 eseMelika, Canada naseMexico. Isithombe: BackpagePix

Nash Ngcobo

UKUNQOBA kweNingizimu Afrika iRwanda ngo-3-0 kuyivulele amasango okugijima kwiNdebe yoMhlaba eseNorth America, eCanada naseMexico ngonyaka ozayo.

Le lithuba elivezwe ngabadlali bakaHugo Broos abasebancane, lijabulise izwe lonkana. 

Lijabulise inqwaba yabalandeli bakanobhutshuzwayo bakuleli njengoba iNingizimu Afrika yagcina eminyakeni engama-23 ukufinyelela kule lizinga.

Kuningi okudale ukungafinyeleli kwezwe endebeni yomhlaba, okudalwe kakhulu wubuholi obuntekenteke beSouth African Football Association(Safa).

Phezu kokuba ukuphatha kweSafa bekungekuhle, kodwa abadlali nethimba labaqeqeshi bayibambe ishisa. Sithi halala kubona bonke ababeyingxenye yalo mlando.

Igoli lika-Aswin Apollis namabili abenesandla kuwona elikaThalente Mbatha nelika-Evidence Makgoba, limenze waklonyelisa ngokuba wumdlali wosuku 

Ayibanga lula indlela ehanjwe ngabadlali bakaBroos neqembu lakhe, kodwa ukufela izwe labo yikona okubenze lamaqhawe ababe yiwona benqoba iRwanda eMbombela Stadium maqede baqhwakela kuGroup C.

 UBroos ophanyeke amakhokho kwiWorld Cup ka-1986 neBelgium, usezosonga eyokuqeqesha ngale ndebe afake iBafana Bafana kuyona.

Ukuqinisa ikhanda nokwethembela kukaBroos ebadlalini abanekhono, kuyisebenzele kakhulu iBafana Bafana.

Indlela ebheke kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, kulindeleke ivuthwe kwi-Afcon 2025 eseMorocco ngoZibandlela.

Okokugcina iSafa kufanele izinuke amakhwapha ngohlobo lwabaholi enabo, obubukeka bungasikhathalele isithunzi sokuphathwa kwayo ngezindlela ezahlukene.

Kuyancomeka ukuzikhandla kwabadlali nethimba labaqeqeshi, okufanele kulekelelwe yiyona yonken iminyango yeSafa. 

Kwesekelwe yisandla esiqinile sezokuphatha nokubuyiswa kwabaxhasi abaningi, asebefulathele le nhlangano

Posted by

in