Zizokhiphana inkani izikole kowegalofu eHillcrest

Posted by:

|

On:

|

 Nash Ngcobo

SELIDUMELA emasumpeni kubadlali begalofu abazomela izikole zabo eNu Range eHillcrest ngoMgqibelo. Izikole zaseThekwini namaphethelo zizokhiphana inkani emqhudelwaneni wegalofu ohlelwe yiLuyanda Gumede Golf Youth South Africa.

Lo mqhudelwano okuhloswe ngawo ukuthuthukisa umdlalo wegalofu ezikoleni, kuzoqoqwa intsha, inikezwe amava okuhlelela ikusasa eliqhakambile ngalo mdlalo.

USidney Gumede onguyise kaLuyanda nowengamele i-NPO yalomdlali, unxuse othishanhloko ngokugqugquzela izingane ngokubaluleka ukudlala igalofu. Udlulele kubazali ngokusabi beme kude, kodwa abasondele bazobona futhi bazizwele ukuthi ngokubambisana akukho okungabehlula.

“Kuningi okuzozuzwa yizingane ezizobandakanya negalofu kule minyaka ezikuyona. “Zizofunda ukuzimela, ukwamukelana ngaphandle kokubheka imuva lomdlali nempilo ephilwa kubo, ” kusho uGumede

Unxuse othishanhloko nothisha jikelele ngokudedela izingane ukuzofunda ukudlala igalofu. Izindleko eziqhamukayo uthe mazingavimbi ukungena kwengane kulo mdlalo.

Utshele nabazali ukuthi ziningi izingxoxo nezinhlelo ezihlelelwa izingane ngalo mdlalo nezigwema ukugqobhoka kwephakethe labo. Usonge ngokuthi ezikoleni ezizodlala, sisinye sizomelwa ngabadlali abahlanu.

UGumede unxuse noma yimuphi usomabhizinisi, izinkampani nezikhulu zonkana ngokulekelela ngomnikelo wokudla neziphuzo zezingane.

Kuqalwa ngo-9h00 kuqedwe ngo-12h00. Abafuna eminye imininingwane bangashayela uGumede ku-0833335242 noMinenhle Mthembu ku-0721540942

Posted by

in