
Nash Ngcobo
INDLELA ebheke kwiLast 16 ye-Afcon 2025 yeBafana Bafana, izocaciswa wukuqina kodonga lwayo nokuba bukhali kwabagadli isibhekene neCameroon namhlanje ngo-21h00.
Lo mdlalo ngowokuqala weLast 16 yalo mqhudelwano we-Afcon 2025 izinga lawo elikhula unyaka nonyaka ngaphansi kobuholi bukaDkt Patrice Motsepe.
Imiphumela eyedlule yalamazwe emiqhudelwaneni yalo luhlobo, ngeke isebenze njengoba kuzobe kudlala abadlali nabaqeqeshi abehluke kakhulu kwabaphambilini.
Iqembu elisebenzise wonke amathuba ngempumelelo, yilona elizodla umhlanganiso. Sekukhulunywe kakhulu ngesidingo sokuvala ukuvuza kweBafana emuva kanjalo nomdlali wasesiswini ohlaselayo.
Umdlali ozohlasela alekelele abagadli nguSipho Mbule, osevumelene nomqeqeshi uHugo Broos ukuthi uzowenza lomsebenzi. Nakuba engacacisanga uBroos ukuthi uzoluqinisa kanjani udonga lwakhe, sekufanele abophele uBathusi Aubaas noNkosinathi Sibisi ozolekelelana noTebogo Mokoena.
Laba badlali bazokwehlisa ingcindezi ethwelwe wudonga lwasemuva lweBafana.
UKaputeni uRonwen Williams kuzofanele abakhomoze ngazo zonke izindlela ozakwabo ukuze kungangeni magoli kuyena. Okufunekayo kuyena wukubuyisa isithunzi azakhele sona e-Ivory Coast ngokuba wunozinti ovelele walo mqhudelwano.
Impumelelo yeBafana yango-1996 kufanele iqale ngeCameroon eyahlulwa ngo-3-0.
Ukwehlulwa yi-Egypt emlenzeni wokuqala kuGroup B, akungayitheni amandla. Nango-1996 i-Egypt yayihlula iNingizimu Afrika ngo-1-0 kweyamaqoqo, kodwa akuwuqedanga umgqigqo njengoba yagcina ingompetha he-Afcon 1996. (Khula Sports)

2 responses to “Izohlaba ngemuva nangaphambili iBafana Bafana”
Asilungise usuku lomdlalo. Likusasa ngalo ihola lisishiyalolunye ebusuku
Lamazwe agcina ukudibana ku Afcon Yango 1996 kumlenze wokuqala,,, Bafana Bafana yanqoba ngo 3-0….