IKZNCU izokwakha izinkundla zekhilikithi

Posted by:

|

On:

|

 U-OKUHLE Cele umdlali wamaDolphins oqhamuka ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwekhilikithi
UBUHOLI beKZNCU bemikhakha eyahlukene obusebenza ngokuzikhandla ukubeka le nhlangano esimweni esihle sezimali ngesizini ka-2025/2026

 Nash Ngcobo

IKWAZULU-Natal Cricket Union (KZNCU) engasokoli nakancane kwezezimali kule sizini, isiphonsele inselelo bonke ososeshini abafuna ukwakhelwa inkundla yalo mdlalo.

Ayigcinanga ngokufuna ukwakha izinkundla kodwa izosiza ekusungulweni nasekuhlinzekweni kwezidingo zalo mdlalo wonkana.

Lokhu kutshelwe le liphephandaba yisiKhulu esiPhakeme seKZNCU uHeinrich Strydom. Lesi sikhulu sithe sizishaya isifuba ngempumelelo yale nhlangano kanjalo nezinhlelo zayo zoguquko lwalo mdlalo.

UStrydom uthe isimo sezimali seKZNCU sihle kakhulu yingakho befuna ukusabalalisa lomdlalo ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.

“Isizini ka-2025/2026 ikhombise impumelelo enkulu kulokhu ebesizihlelele kona emaqenjini esifundazwe abesilisa nawabesifazane, ” kusho uStrydom.

Lokhu kufakazelwe wukuhlabana kwabadlali bamaDolphins ezingeni lesifundazwe nelikazwelonke.

“Ngimema bonke abaphathi bamaqembu ekhilikithi kanjalo nabaholi bomasipala, baphakamise izandla uma befuna ukwakhelwa izinkundla zekhilikithi.

” Akuzogcina ngezinkundla kodwa kuzosatshalaliswa amakhono okuphatha nokudlalwa kwekhiliithi.

“Ngeke sisonge izandla silindele usizo lukahulumeni kodwa sizozenzela emandleni esinawo, abafuna ukusisiza sebeyosifica ngendlela,” kuqhuba lesi sikhulu.

Unxuse bonke abadlali abaqhamuka ezindaweni ezingathuthukisiwe ngokusungula amaqembu ukuze asizakale ezidingweni zawo, okubalwa kuzo nezinkundla ezisezingeni lomdlalo okhokhelayo.

Uphethe ngokucela abadlali nezikhulu zalo mdlalo ngokuzihlelela isikhathi sokuqala nesokuphothula zonke izinjongo zabo ngalo mdlalo,

Ugcizelele ngokuthi bangalokothi bazenyeze ngobubona kodwa balwele impumelelo kukho konke abakwenzayo. Abafisa ukusizakala ngalokhu osekubaliwe, bangaxhumana nale liphephandaba ku-0833010869 – Khula Sports

Posted by

in