
Nash Ngcobo.
UKUQOKWA kobuholi obusha be-eThekwini Basketball, kulokozisa inhlansi yokuvuka nokuqina kweqembu leBasketball KwaZulu-Natal. Lokhu kusho ukuphela nya ukugxiliswa kokudlalwa kwebasketball ezindaweni ezithile kodwa kuzosatshalaliswa ezifundeni eziyi-10 zoMkhandlu weTheku.
Lezi zindaba ziqinisekiswe nguPrince Zondi ongusihlalo weThekwini Basketball. Uthe zonke izifunda eziyi-10 kuzofanele zisebenze kanzima ukuba namaqembu azoholela ekwakhelweni izinkundla.
“Akuzugcina ngezinkundla kodwa kuzovuselelwa ukudlalwa kwebasketball nasezikoleni zemfundo ephakeme. Lokhu kuzogqugquzela nabadlali abaqhamuka kuma-high school ukuthi baqhubeke nalo mdlalo baze bafinyelele ezingeni elikhokhelayo,” kusho uZondi.
Uveze ukuthi isifunda nesifunda kufanele sibe namaqembu amathathu kuya kwamane. Uqhubeke ngokuthi kuzoba nezinhlaka ezizokwakha iMega League, ezosebenza njenge-Local Basketball League okufanele ibe nezinhlelo ezizobhekela ukuthuthukiswa kwalo mdlalo.
Le ntuthuko uthe izoqiniswa ngamaqembu ezikole zamabanga aphansi kuze kuyofinyelela emanyuvesi. Uthe isifiso sabo wukuthi kufike inyanga kaNcwaba (August) iTheku libe selinenqwaba yabadlali eqenjini leBasketball KwaZulu-Natal.
Konke lokhu uthe kuzoba yimpumelelo uma abadlali bezothuthukiswa ezindaweni abahlala kuzona njengoba kwenzeka uma kulungiselelwa imidlalo yeSouth African Local Games Association (SALGA).
Uphethe ngokuthi bazoqinisekisa ukuthi amalungiselelo okuqala kwe-U/16 no-18 League kazwelonke ayaphumelela ukuze kuphele ukwethembela kubadlali bezikole ezazingaphansi kuka-Model C. Wonke lamaqembu azobe akhiwe ngabadlali besilisa nabesifazane, ukuphathwa kwawo okuzofana nse nawe-netball.
Ubuholi bale likomiti bakheke kanje: Usihlalo nguPrince Zondi, iphini lakhe nguMelusi Khuzwayo, uNobhala nguBongiwe Mjiyako iphini lakhe kube nguThembelihle Ndaba. Ithimba losomaqhinga lakhiwe nguMthandeni Khumalo, uThapelo Mhati no-Amanda Magubane. -Khula Sports