Nash Ngcobo.
SELUZE lwafika olungaliyo kubathandi bebasketball njengoba amaqembu ezodlana imilala eVictoria Mxenge Indoor Sports Complex eMlaza kusasa ngoMgqibelo.
Lona wumnyakazo wokuqala wobuholi bebasketball eThekwini obuqokwe ngasekupheleni konyaka owedlule.
Ukuphathwa kwalo mdlalo njengoba kwenzeka kwi-netball, kuzobonakala kulo mqhudelwano okuzodlala kuwo zonke izifunda ezakhe iTheku.
UMengameli we-Ethkekwini Basketball League uPrince Zondi unxuse bonke abafisa ukusungula amaqembu ezindaweni zabo ukuba basondele kule nhlangano bathole yonke imininingwane ngayo.
Emva kokuphela kwale midlalo kuzoqala imidlalo yokuhambela izindawo okuzogqugquzelwa kuzo ukwethulwa kwebasketball okuzokwenzelwa emahholo omphakathi.
Kule nyanga zimbili izindawo ezizohanjelwa emva koMlaza. Lezi iKwaMashu Indoor Sports Centre ezohanjelwa ngoNdasa 28 (`March). Kuzoqalwa ngo-10h00 ekuseni kanti kulindeleke amaqembu abafana namantombazane.
Eyesibili iKwaNyuswa Sports Hall ngoNdasa 30. Kuzo zombili lezi zindawo kulindeleke abantu abayi-100 ukuzoqeqeshwa fuhti bakhanyiseleke ngebasketball.
UBongiwe Mjiyako onguNobhala Jikelele. weThekwini Basketball League umema bonke abafisa ukujoyina baxhumane naye kule email: mjihanah@gmail.com noma bamshayele ku-0679380019.
– Khula Sports

One response to “Ziyasuka kowe-Itheku Basketball League.”
Thanks and we’re looking forward to the growth of Basketball within EThekwini community.