Owamafemu uzobuyisa ezakudala eHammarsdale

Posted by:

|

On:

|

UDURA Mchunu emukelisa ngendebe kumshayimagoli ovelele walo mqhudelwano wanyakenye
OMPETHA banyakenye iSRF bemukela indebe emva kokunqoba iDromax

Nash Ngcobo

UKWESEKWA nokusatshalaliswa komqhudelwano kanobhutshuzwayo wamafemu obizwa ngeHammarsdale Workers, kungabuyisa udumo lwakudala lwalo mdlalo entshonalanga yeTheku.

Lokhu kulindeleke ukuthi kufakazeke kwiHammarsdale Cato Ridge Soccer Tournament ezodlalelwa KwaSishi’s New Ground elokishini ngoMbasa 18 (April).

Lo mqhudelwano womkhumulajezi osekungowesibili ubakhona, iqembu elizonqoba lizohlabana ngoR3000.00 kuthi elilale isibili lithole uR1500.00. UDura Mchunu ongumgqugquzeli walo mqhudelwano uthe ukuqonda kahle ukuthi iSouth African Football Association ayihambisani nemidlalo yeziteki.

” Inhloso enkulu yalo mqhudelwano wukuvusa izinga lokulandelwa kukanobhutshuzwayo ngokuvuselela iligi yamafemu. ”

“Lokhu kuzogqugquzela ukubaluleka kokuxhaswa kweMpumalanga Football Association edonsa kanzima ekuzikhangiseni kulo mkhakha,” kusho uMchunu.

Uthe phambilini usoseshini wakule ndawo wawunamaqembu amafemu. Amaqembu ayesungulwe ngalo luhlobo Inchanga Nursery (SA Railway), Rainbow Chickens, Inchanga & Camperdown Police, Hebox Citizen, SA Jockeys Academy Grooms, iPlaywood (Uniply) namanye ambalwa.

La maqembu awaqhubekanga isikhathi eside kulandela ukusungulwa kwe-Industrial Football League nayo engachumanga.

Amaqembu azodudulana kulo mqhudelwano aqhathwe kanje: Vector vs Zion v Church -9:30; Stanton Workwear vs Rock of Age Family Church -11:39; SAPS vs Lwandle Security -12:30; SRF vs Winner of Game No1-1:30.

Ngeminye imininingwane kungashayelwa uDura kule nombolo 0787433874 -Khula Sport.



Whether you`re building a landing page, a photo gallery, or a complex layout, there`s likely a block pattern ready to use.

Posted by

in

One response to “Owamafemu uzobuyisa ezakudala eHammarsdale”

  1. Stone Avatar
    Stone

    Kwamnandi ukubona ikhono elifihlakele ezinganeni.
    Syabonga Mdu ngokusukumela Hammarsdale nokwakha isizwe.