

Ntobeko Mzimela
INQOTSHWE ngabekade bengalindelekile iZululand Ultra Marathon ebikhuza ibuya ngeSonto ebisuka Olundi iphelele eKing Bhekuzulu KwaNongoma.
Ebangeni lika 56 km nelidonse iningi labasubathi abebevela kuzo zonke izinkalo zezwekazi i-Africa, kukhonye uSyamthanda Bazana (32) waseLusikisiki eMpumalanga Koloni esigabeni sabesilisa .00oshaye intambo ngo 03:24:37 wakhala wamuka nesamba sika R100 000.00.
Lo msubathi uthe emva kokunqoba imijaho emincane yakulesiya sifundazwe unqume ukungenela iComrades Marathon nyakenye eqede khona ngo 06:17:02 waphuma endaweni yama-80.
Uthi uzimisele ngokwenza kangcono kulonyaka, yize konke lokhu ekwenze engenaye umqeqeshi kepha ephushwa uthando.
Esigabeni sabesifazane kunqobe uJanet Mbhele waseMzimkhulu KwaZulu-Natali oshaye intambo ngo 04:09:13,naye okhale wemuka no R100 000.
Uthe lomjaho umjabulise kakhulu njengoba efisa ukwengeza kwizindondo zakhe ezintathu zegolide anazo kwi Comrades Marathon yakulonyaka.
Abaphathi bamaqembu ezokugijima, abasubathi namalungu omphakathi akuthokozele ukubuya kwalomjaho. Bagcizelele ukuthi ungabe usanqamuka manje.
IMeya yoMkhandlu iZululand uMichael Khumalo uzwakalise ukwaneliseka ngokuhleleka kwalo mjaho, wathembisa ukuthi basazobuyela kwisamba sika R350 000 owawutholwa yilabo abanqobile ngaphambi kokuba umiswe.