UZungu uxwayise abafundi ngokukhwabanisa

Posted by:

|

On:

|

Zoloh Millicent Guma


USHANSELA waseMangosuthu University of Technology uSandile Zungu, uxwayise abafundi abebegogoda ngokudlalela kude nokukhwabanisa ngenkathi ethula inkulumo yakhe ebhekiswe kubona ngezifundo zabo kulesi sikhungo.


UZungu uthe ukukhwabanisa akuthunazi isithunzi salowo okhwabanisayo kepha kudicileleka phansi igama lesikhungo abefunda kusona nokungadala ukwehla kwabafundi abathola imisebenzi abavela kuleso sikhungo.


Ekhuluma uZungu, uthe: “Nonke nilapha nizakhele igama lenu, manje seniyahlonishwa emakhaya enu nasemphakathini njengezifundiswa. Lokho kukodwa kuyigxathu elibheke kwikusasa lenu.


“Ngiyanicela ngenhliziyo yami yonke, ningakubhidlizi lokhu esenikwakhe ngezandla zenu okuyigama lenu futhi ningakwenza kalula lokho.”


Uthe iNingizimu Afrika manje isibukela iMadlanga Commission, kanti kungekudala bekubukwa iZondo Commission nalapho abantu baphuma emisebenzini yabo babukele lemibukiso okudlula iGenerations, bebukela ihlazo.

Uveze ukuthi uyajabula ngoba akakezwa muntu owayefunda kulesi sikhungo othintekayo kuMadlanga nakuZondo Commission.


“Ungakucekela phansi osukwakhile iminyaka eminingi ngesenzo esisodwa sobuphukuphuku okungukukhwabanisa okungakusondeza ubukwe kumadlanga Commission nakumanye amacommission asazovela,” kubeka uZungu.


Uthe unxusa abafundi ukuba bathembeke noma bebhekene nezingqinamba eziningi ezikhona okubalwa ukuntuleka kwemisebenzi, ukungalingani ngokwamazinga empilo okubonakala emiphakathini.

Akabulibalanga ububha nakuba uhulumeni enza ngawo wonke amandla ukuthi akekho olala engatholanga lutho oluya ethunjini, isekhona imizi ehlaselwe ububha.


“Sibheke kunina ukuba nixazulule ezinye zezingqinamba ezikhona emiphakathini ngomsebenzi ngakho siyaninxenxa ukuthi nakhe ikusasa ngalokhu enikusebenzele okuyizithukuthuku zenu nemindeni yenu bese niyakugcina ngokudlalela kude nezilingo zokwenza imali ngokushesha,” kubeka
uZungu.


Eyala abafundi uSihlalo woMkhandlu wakulesi sikhungo, uDkt Mosidi Makgae uthe njengoba sebengena kwelinye igxathu empilweni yabo kumele bakhumbule ukuthi izicucu zabo akuzona ezabo kuphela.

Uthe sezingumthwalo wabo nomphakathi waseNingizimu Afrika nomhlaba wonke jikelele uyabadinga abafundi abanamacebo amasha, abanemigomo, abanozwelo
nabazimisele ukuxazulula izingqinamba zalesi sikhathi.

Uqhubeke ngokuthi lesi sikhungo besingabungazi abafundi abebegogoda kuphela, kepha abasebenza nabebefunda kusona asebezakhele igama emphakathini waseNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele.

Omunye walabo nguSolwazi Xolile Mkhize oseMnyangweni wakwa Community Extension oseqokwe kwi- 2025 Best Mentor Award eMnyangweni wezeSayensi, ubuChwepheshe ne-Innovation neHuman Sciences Research Council.


Ubongele uNokukhanya Thembane oshonishwe ngesitifiketi se- 2025 Health Researcher of the Year ngokuzimisela kwakhe kucwaningo lwezempilo kwizwekazi lase-Afrika, kanti abafunda ezobunjiniyela kugesi bakhiphe incwadi emayelana ne-Artificial Intelligence and Smart Systems.


Abanye abebebungazwa uNduduzo Ndebele (19) okungunyaka wakhe wokuqala kulesi sikhungo obemele iNingizimu Afrika eSpain noMaxwell Nxumalo obemele elakuleli eSaudi Arabia.

U-Ayanda Blose, uSthembile Maphumulo-Ndlovu noDkt Melvin Mothoa
ubabongele ngokuqokwa kwi- DAAD Dialogue On Innovative Higher Education Strategies International Fellowship.


Ubonge kwi Finance and Accounting Services Sector Education and Training Authority eyaziwa nge FASSETA ngokunikela ngamakhompyutha kubafundi abawafanele emkhakheni we-Accounting and Management Sciences .

ICatalier South Africa nayo ibongwe ngokunikela ngemicroscope esezingeni
eliphezulu kulesi sikhungo.

UDKT Sandile Zungu iShansela yeMangosuthu University of Technology obeyala abafundi abebegogoda muva nje.

Posted by

in