Luzogujwa ngezinkondlo olwentsha eHammarsdale

Posted by:

|

On:

|

U-AKHONA Kweyama obefunda uGrade 7 eKwenameni Primary ozophatha uhlelo

Nash Ngcobo

USUKU lweNtsha olugujwa minyaka yonke eNingizimu Afrika, luzogujwa ngezinkondlo ezijulile ehholo elise-“circuit office” eselokishini iMpumalanga eHammarsdale ngoMsombuluko ngo-10h00 ekuseni.

Kulabo abangalazi le lihhovisi lisesakhiweni senkantolo yokuqala eMpumalanga lapho kwagcina sekunamahhovisi akwaPublic Works ngaphansi kukaHulumeni waKwaZulu.

Abagqugquzeli balo mcimbi osihloko sawo sithi “Weeping Youth” bahlose ngawo ukuvuselela okwakulwelwa yintsha yango-1976.

Kuzodingidwa ngokutholakal kwekhambi lezifo ezithuntubeza inhloso yomzabalazo, okwaphalala kuwo igazi kulwelwa inkululeko lena esiphenduke ihlaya nehlathi lenkohlakalo yobusela.

UMnuz Mandla Ngwane ongomunye wabagqugquzeli balo mcimbi uthi bahlose ukufaka intshisekelo entsheni ukuthi isehlo sango-1976, singapheleli oboyeni kuhle kwezithukuthuku zenja.
“Ukuphalala kwegazi nokuphuma kwemiphefumulo yokulwela inkululeko, kufanele kukhunjulwe futhi kuhlonishwe.

“Lokho akukhunjulwe ngokuqinisa umzabalazo wokuba nentsha eqashekayo, efundayo, ezihloniphayo futhi ezilungiselela ukuba ngabaholi abangcono nabaqotho kakhulu kunalaba abakhona manje,” kusho uMnuz Ngwane.

Uthe umphathi wohlelo wosuku lwezinkondlo ngu-Akhona Kweyama ongumfundi ka_Grade 8 eKusa High School khona eHammarsdale.

Kuningi okuzobhungwa ngakho okungasiza ekubuyiseleni indawo kweyayihlonishwa ngakho phambilini osekwashabalala.

Posted by

in