

Nash Ngcobo
ID.OLOBHA iTheku elidume ngokwakha ubudlelwane namazwe omhlaba, selenze okufanayo namadolobha asePortugal.
Lawo madolobha yiPorto neLisbon okufakazeleke emhlanganweni wokwamukelana kwalamadolobha osanda kubaseThekwini.
Inxusa lasePortugal uMnuz Carlos Costa Neves nethimba lakhe basayinde isivumelwano sokusebenzisana neMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba.
Lobu budlelwane kulindeleke ukuthi buthuthukise umkhakha wezohweba ngomnotho wasolwandle, ezokuvakasha nokusizana ngezengqalasizinda ezintweni ezinhlobonhlobo.
Akugcinwanga ngalokhu osekubaliwe kodwa kudlulelwe ekuqiniseni ekushintshisaneni ngolwazi lwemikhakha eyahlukene ezoqinisa umnotho walamadolobha.
Ngenkathi kuqhubeka izingxoxo uMeya uXaba uphakamise eyokuthuthelwa kwesichuse sikaFernando Pessoa eDurban Botanic Gardens sisuswa eDurban Central Business District.
UPessoa owayengumbhali nembongi enohlonze futhi enomlando omude ngokuba yisakhamuzi saseThekwini.
UKhansela uXaba uthe uPessoa unendawo enkulu emlandweni weTheku njengoba afika khona ngowe-1895- 1905.
“Ubengumfundi waseDurban High School nokuyilapho afunda khona ukukhuluma nokubhala ulimi lwesingisi, njengoba ayekhuluma isiputukezi.
“IBotanic Gardens inendawo yokugcina amagugu nomlando omude nobalulekile wase-Afrika, yingakho nokaPessoa ugcinwe khona,” kusho uNonkosi.
Uphethe ngokuthi lokhu okwenzeka phakathi kwalamdolobha, kuzoqinisa futhi kucebise amasiko kuphinde kuvule namathuba ezohwebo olusezingeni lomhlaba.
Leave a Reply