

Nash Ngcobo
UKUGUBHA iminyaka engama-21 kweDundee July kubusiswe ngomjaho we-12 obuxhaswe ngesigidi samarandi (R1000 000)
Lo mjaho okuvalwe ngawo unqontshwe uMpendulo, obevikela isicoco sanyakenye.
Lesi samba sikhishwe Amathole Funerals lapho ihhashi elidle umhlanganiso liklonyeliswe ngoR600 000, okuyisiteki esikhulu ebesiqala ngqa kulo mjaho.
Ujokhi wale lihhashi likaHlanganani Mntambo, uSiyabonga Mabaso ubonge wanconcoza ngokukhushulwa komklomelo walo mjaho omkhulu nowokugcina.
“Ngifisa bande abaxhasi bomjaho womtelebhelo ukuze sikwazi ukuguqula izimpilo e zemindeni yethu.
“Yize nginqobe imijaho eyisithupha ngaphambi kwalona wokugcina, awukho obenomklomelo osondela kuwona,” kusho uMabaso.
Unxuse izinkampani nosomabhizinisi ngokufaka isandla kakhudlwana ekwandiseni imiklomelo yemijaho yomtelebhelo.
Ubonge bonke abanikazi bamahhashi ngokungadikibali ekuphakamiseni umjaho wamahhashi omtelebhelo.
Uthe yize ojokhi betohoza futhi behola kancane, unethemba lokuthi bayogcina beziphilisa ngalo mdlalo futhi badlulisele kwabanye ulwazi lwabo.
Ihhashi elingene isibili nguKhalelani obegitshelwe wuDoctor Mbatha oklonyeliswe ngo’-R220.000.
Isithathu sithathwe Iphephandaba ebeligitshelwe uNicholas Nkosi eliklonyeliswe ngo-R100 000.
Womathathu lamahhashi aqhamuka esifundeni Amajuba kanti libukeka liqhakazile ikusasa lawo kule mboni yokujaha.