
koMnotho,ezokuVakasha nezeMvelo uMfu `Musa Zondi beshiyelana inkundla emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi nabanikazi bamaSpaza Shop ngokuvuswa komnotho wosomabhizinisi abancane.

Nash Ngcobo
ENGANGENI ngesango iyafohla, engafohli iyaziletha izidingo zabathengi futhi konke ekwenzayo kusezingeni elifunwa ngabathengi nomthetho uqobo.
Ukunikela ngefa lesizukulwane saseNingizimu Afrika kubantu bokuhamba, okuphundla umnotho wezwe, kugxekwe ngazo zonke izindlela engxoxweni abahwebi abebebizwe kuyona nguNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnuz Thami Ntuli muva nje.
UNdunankulu ubehambisana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natali unxuse osomabhizinisi ngokuziveza emahhovisi omasipala bangakubo.
Lokhu uthe kuzosiza ekubahleleleni ukutholakala kwazo zonke izidingo osomabhizinisi abancane abangasimama ngazo, bangaphinde bazithole sebeqashisela abantu bokufika ngezindawo zabo
zokuhweba.
Osomabhizinisi baqwashisiwe ngokuhwebisana ngezinto ezidingwa ngamanye amabhizinisi ukuze kusimame amanye, angabangi uhlobo olulodwa kodwa alekelelane.
UMphemba uthe uzovala isikhala esivuleke ngokushiya kwabokufika ngokuthi bonke osomabhizinisi baziwe ngomasipala abahweba ngaphansi kwabo.
Lokhu kuzosiza ukwazi ukuthi kuzoxhaswa futhi kuqeqeshwe osomabhizinisi abangaki.
Igama ebelisemlonyeni wabahwebi elokuthi sebehambile abokufika, inselelo isasele kwabakuleli ukuthi zizovalwa kanjani izikhala ezivulekile nokufunda ukuthi bebephunyeleliswa yini.
UNdunankulu uyalele bonke abebehambele lengxoxo ngokuthi kufanele bayoziveza ehhovisi leNhloko yoMnyango wezokuThuthukiswa kwezoMnotho uDkt Nkosenye Zulu.
UDkt Zulu uzodlulisela lolu hla komasipala abazobhekela ukuqeqeshwa nokuxhaswa
kosomabhizinisi ngokwezinga lezindawo zabo.
UMasipala uzolekelelana ne-wholesaler ekhona endaweni ukuze kuqine amaxhama okuhwebelana ngesinono, ukuhloniphana nokwethembana.
Kuphakanyiswe usizo oluzoqhamuka ezinkampanini nasezinhlanganweni ezifana noSmall Business Development, i-Unilever, iDurban Chamber of Business, i-Take a lot, no-Uber.
“Zonke lezi zinkampani zizolekelela kakhulu ekukhanyiseleni osomabhizinisi ekukhuliseni nasekuphathweni kwawo,” kuqhuba uMnuz Ntuli.
Akusalanga ngaphandle ukubhekisisa nokufundisa osomabhizinisi ukuthi izicelo zokuxhaswa nezokuqeqeshwa zigcwaliswa kanjani njengoba ziziningi izifunda ezinesibalo esiphansi sabaphumelele kokunye kungaphumeleli noyedwa.
UGodide uphethe ngokuthi izibalo ezitholakele zosomabhizinisi kuzofanele bazibekele isikhathi sokuthi njalo nge-quarter kube sekwaziwa ukuthi bangaki abazuzile kulo luhlelo.
Bonke abafuna usizo lwezinkampani esezibaliwe kufanele bashayele eDurban Business Chamber kule nombolo 031-3351000 bacele uDumile.
Leave a Reply