Yethulelwe eThekwini eyezokuVakasha

Posted by:

|

On:

|

,

IZIKHULU zikaHulumeni nezimenywa ebezihambele lomcimbi.
UNGQONGQOSHE wezokuVakasha eNingizimu Afrika uNkk Patricia de Lille ethula inyanga yezokuvakasha eThekwini.

Nash Ngcobo

UKUHAMBA phambili kweTheku ekusingatheni imicimbi emikhulu nesezingeni lomhlaba, kufakazelwe wukwethulwa kweNyanga yezokuVakasha eNingizimu Afrika kule lidolobha.

Lokhu kuqinisekiswe wuNkk Patricia de Lille onguNgqongqoshe wezokuVakasha, olibeke ngembaba elokuthi iTheku liwadlulela kude kwezokuVakasha amadolobha amakhulu eNingizimu Afrika.

Usho lokhu emcimbini obuse-Marine Restaurant eMtateni ngenhloso yokubonga iTheku ngokuhlala likhuphula isibalo sezivakashi ezweni.

Kulo mcimbi uNkk de Lille uthe inyanga yezokuvakasha izoqala ngoMandulo 1 (September) kuze kufike umhlaka 27 okuwuSuku loMhlaba kwezouVakasha.

“Lo lusuku luzogujwa eLimpopo okungesinye sezifundazwe esikhula unyaka nonyaka isibalo saso sezokuvakasha.

“Ngimema bonke abantu base-Afrika nasemazweni omhlaba ukuzochitha amaholide abo eNingizimu Afrika.

“Asilona izwe elicwasa abantu ngokobuzwe nobuhlanga babo njengoba kushiwo, kodwa sigqugquzela ukuhlonishwa kwemithetho yokungena nokuphuma kwezivakashi ezweni,” kusho uDe Lille.

UNgqongqoshe De Lille uthe inyanga kaMandulo izogujwa ngaphansi kwesiquhulo esithi”Growing South Africa’s Tourism Sector in the Digital Era”.

Udalule ukuthi iTheku liyaqhubeka nokuheha izivakashi, izithunywa zamazwe kanjalo nabatshali zimali bakuleli nabamazwe omhlaba.

Lokhu okushiwo ngungqongqoshe kufakazelwe ngokuhanjelqa kwe_46 th Ordinary Summit of SADC Heads of State and Government ebiseThekwini ngoNcwaba (August) 16 no-17.

Kule-Summit iNingizimu Afrika yamukele ilungelo lokuba wusihlalo we-SADC esamukelwe nguMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa.

Izibalo zikazwelonke zibika ukuthi iTheku yilona dolobha elinesibalo esincane sabantu abangasebenzi ezweni.

Posted by

in

,

2 responses to “Yethulelwe eThekwini eyezokuVakasha”

  1. Mandla Ngwane e Hammarsdale Avatar
    Mandla Ngwane e Hammarsdale

    Zinomsoco izindaba ezethulwa yilenkundla yokushiciela. Phambili ngokufundisa nokuqwashisa umphakathi.

  2. John Avatar
    John

    Good story

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *