

Nash Ngcobo
ILEMBE Umtelebhelo Festival osanda kugubuzela iKhenana intaba engcwele eNdwedwe enyakatho yeTheku, ubukeka uzoba yisibani sentuthuko kuzo zonke izindawo ezingaphansi kukaMasipala wesiFunda iLembe.
Lo mdlalo womtelebhelo okhula ngesikhulu isivinini kubantu abamnyama, wesekelwe yizikhulu eziphezulu okubalwa kuzo iPhini likaNgqongqoshe kazwelonke wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala.
Abagqugquzeli, abaxhasi nabahleli balo mcimbi osekungunyaka wesibili ukhona bagqugquzelwe ngokufunda usuku nosuku ezintweni abazenzayo ukuze bawukhulise ngenhloso yokuletha izinguquko ezimpilweni zabantu.
Umdlalo walo luhlobo unamahhashi nezidingo zawo okubalwa kuzo ukutshalwa kohlobo oluthile lotshani, ukudla kwawo, imijovo, ukuthuthwa kwawo eya emiqhudelwaneni nokuqashwa kwabahlanzi, abanakekeli nabaqeqeshi bawo.
UNgqongqoshe uZikalala unxuse intsha ebifike ngobuningi bayo ngokungawabukeli kude amathuba okutholakala kwamakhono afika nemidlalo efana nomtelebhelo, kuningi engakuzuza futhi iphilise nomphakathi eqhamuka kuwo ngawo.
Amathuba akulo mdlalo ngawokufundela ubudokotela bezilwane, ukugibela amahhashi, ukugxila kwezolimo okusetshenziswa kakhulu emahhashini kanjalo nokuphathwa kwezimali njengoba kuzogcina sekunamaphanta kulo hlobo lomdlalo.
Ukwakhiwa kwenkundla yalo luhlobo lomdlalo kuzodala imisebenzi yezokwakha nokubhekelelwa kwezinkundla, ezokuvakasha, ezokuthutha, umkhakha wengqephu, ezikaqedisizungu, ezokuvakasha nokuphekwa kokudla okunhlobonhlobo.
Izikhulumi eziningi zincome ubuholi bethimba eliphethwe nguHlengiwe Makhatha, iLembe Umtelebhelo Horseracing Association, uSomlomo onguKhansela uNzuzo Chamane we-Ilembe District Municipality, uMnuz Zwelibanzi Cele oyimenenja yezeMidlalo kulo masipala nabanye.
UCele ugqugquzele intsha ngokuveza yonke inhlobo yamathalente enawo ngokuzoziveza ehhovisi lakhe, isho ukuthi ingafisa ukulekelelwa kanjani ekuphumeleliseni amaphupho nemikhakha yemisebenzi egxile kuyona.
Leave a Reply