

Nash Ngcobo
KULINDELEKE izinguquko ezihambisana nentuthuko yesimanje ezilokothweni zomgubho weminyaka eyi-100 ye-Inchanga Primary eseNtshonalanga engaPhandle kweTheku.
Lo mcimbi oyivela kancane uzogujwa ngoMandulo 3 no-4 ( September) khona emagcekeni alesi sikole, okulindeleke izimenywa eziqhamuka emikhakheni eyahlukene yempilo.
Lezi zindaba ziqinisekiswe nguthishanhloko walesi sikole uMnuz Thulani Mbanjwa, odlulisele isimemo kubo bonke abake bafunda kulesi sikole.
Uthe kubalulekile ukuvuselelwa nokuqiniswa kwamakomiti abantu abadlula kulesi sikole nalabo abafuna ukuba ngabangani baso ukuba basondele, kuqhanyukwe namacebo okusiyisa phambili.
Lesi sikole sakhiwe emhlabeni onabanikazi abazimele kodwa okungesomphakathi njengoba silawulwa wuhulumeni.
Sisungulwe yiBandla EliKhatholika ngowe-1926, okuhambe saze saba ne-high school okuhlala kuyo abafundi besilisa kuphela.
Iningi lezikole ezakhiwe ngamabandla ezenkolo, bezihlukanise abafana namantombazane kusukela ebangeni lesi-7 kuya kwele-12.
UMnuz Mbanjwa nekomiti elihola lesi sikole bacela ukuxhaswa kwaso nganoma yini ezosimamisa isakhiwo nokufunda kwezingane.
” Sesingqongqozile eminyangweni efanelekile kahulumeni, ezinkampanini, osomabhizinisi nasezinhlanganweni ezithuthukisa umphakathi sicela usizo.
“Kwezinye sikutholile ukusizakala nakuba kungeke kuzifeze zonke izidingo, sisalindile nakwezinye futhi sizoqhubeka sicele,” kusho uMnuz Mbanjwa.
Uthe abakudinga kakhulu ukwakhiwa kabusha kwamagumbi okufundela, i-staff room, ihholo lesikole nomtapo wolwazi (library).
Akusalanga ngaphandle ukwakhiwa kwamagumbi ezesayensi nobuchwepheshe (laboratory)
kuvale inkundla ezovumela ukudlalwa kwemidlalo enhlobonhlobo.
Luningi uhlobo lwezikole ezisungulwe ngamaKhatholika, ezazihlonishwa ngemiphumela yazo, osekuvele isidingo esikhulu sokubuyiswa kwenqubo yazo muva nje.
Inchanga Primary neHigh School ngezinye zezikole ezaletha impucuko nokukhanyiseleka emiphakathini yabansundu.
Baningi abaholi, iziphathimandla emikhakheni eyahlukene ezifunde kulesi sikole, ezisadla anhlamvana nesezabizelwa eNkosini.
Osaziwayo nabaholi abafunda kulesi sikole kubalwa uDkt Ben Ngubane nodadewabo uNkk Harriet Sibisi, uDkt Francis Mhlawumbe Nzama, bobathathu asebalishiya elimagade.
Kwabasadla anhlamvana kubalwa oMnuz Obed Mlaba, uJabu Moleketi, uJeremiah Zungu, u- Aleck Mbatha, uVusi Mvelase, uNtokozo Chonco, uSbusiso Sibisi, uNks Nomcebo Zikode ukubala abambalwa.
Leave a Reply